OMUNYE wabalingisi abasebasha ogqanyiswe wukulingisa kweminye yemidlalo yethelevishini ekhonjiswa kuMzansi Magic, u-Alizwa Sikhafungana, uthi akazisoli ngokumisa kancane izifundo zakhe, agxile kwezokulingisa. Ukholwa wukuthi kumsizile wakwazi ukuzinza futhi kwamakhela igama endimeni.
U-Alizwa (21) ulingisa indawo kaGabisile Gumede kuMkhokha: The Curse, lapho indikimba yomdlalo isagxile nakuyena okwamanje. Eziqeshini zomdlalo zakule nyanga nedlule, ziveza yena ebhekene nenkanankana yenkinga yokukhulelwa, okwenzeke ngenkathi eye kwi-matric dance yokuphetha unyaka.
Nakuba umdlalo usuya ngasemaphethweleni futhi sekuqediwe nokuqoshwa kwawo kodwa u-Alizwa uthe ithuba alithole kuwona liyinto enhle cishe ukwedlula konke aseke wakufeza empilweni.
“Yingakho kwathi mhla ngithola leli thuba, angangananaza ukuthi ngimise kancane izifundo zami zomkhakha wokulingisa ebengizenza eNyuvesi iRhodes, ngoba ngibona ukuthi leli thuba lizongivulela iminyango eminingi, nangempela kwaba njalo njengoba sengilana engikhona manje ngobuciko,” kusho u-Alizwa.
Eqhuba, uthe ujabule nangokuthi yize aphoqeka ukuma ezifundweni ngo-2022, kepha igcine ivela indlela yokuthi aqedele izifundo zakhe esezinze eThekwini, ngohlelo lokuziqhuba ese-Unisa, okuzothi ngo-Ephreli athweswe iziqu ze-Bachelor of Arts in Drama, Politics and International Studies.
“Ngithanda nokuthi ngokuba kuMkhokha ngibe yingxenye yamaciko abexoxa izindaba ezihlupha abantu abamnyama, ngafunda okuningi ngamasiko, nemikhuba yokwenza kwesintu samaZulu, njengoba mina ngiwumXhosa,” kuchaza u-Alizwa.
Uqhube wathi ukuvela kwithelevishini kumvulele amathuba amaningi ngoba kudobe iso lezinkampani ezehlukene asebenzisane nazo kubalwa indawo yokucwala izinwele iSiphalaphala, eyemikhiqizo yokugcoba neyeziphuzo.
“Okwamanje njengoba ngingalingisi ndawo ngigxile ekukhuliseni igama lami ngezinkundla zokuxhumana ukuze ngithole namanye amathuba amakhulu endimeni yobumnandi,” usho kanje.
Leli ciko lidabuka eMatatiele, e-Eastern Cape, lakhulela eMargate, ogwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natal. Linabalandeli abangaphezu kwa-70 000 kwi-Instagram, abangaphezu kwa-400 000 linama-view angaphezu kwa-5 million kwiTikTok. Intokazi inohlelo kwi-YouTube i-Doing Life with Alizwa.