USUTHUTHELA enkundleni yezemidlalo iHlahlindlela Sport Ground, KwaNgcolosi ngaseHillcrest, umcimbi iKwaNgcolosi Music Festival ozoba ngoDisemba 23.
Lo mcimbi okuzoba ngokwesithathu ukhona, uqale usingathwa endaweni yobumnandi KwaGabha khona KwaNgcolosi.
Phakathi kwabazobe benandisa kubalwa kubo uMthandeni SK, Dladla Mshunqisi, Goldmax, Slenda Da Dancing DJ, DJ Bongz, Zakwe, Duncan, Babes Wodumo, DJ Happy Gal nabanye.
Umhleli walo mcibi, uLindokuhle Gumede, uthe kuyabajabulisa ukukhula kwawo futhi basazimisele ngokuthi udlondlobale kakhulu.
“Inhloso enkulu yawo wukuthi kuthuthuke ezokuvakasha KwaNgcolosi. izivakashi zingagcini ngokuphela enkabeni yeTheku kuphela. Ngale kwalokho, sifuna ukulethela abantu ubumnandi obuzobenza bajabulele ngasemakhaya ukuze kuzogwemeka ukuhambela izindawo ezikude, kudaleke nezingozi emgwaqweni,” kusho uLindokuhle.
Uthe okubajabulisa kakhulu ngamathuba omsebenzi azodaleka njengoba beqashe abantu abangaphezu kuka-100.
“Nosomabhizinisi basendaweni abasakhula nabo bazohlomula ngoba kukhona abazobe bedayisa nezindawo zokulala ziyaqashwa. Yinto esijabulisayo le ngoba sisemakhaya endaweni eyashayeka kakhulu nangezikhukhula ngakho abantu bayawadinga amasenti okuvusa amakhaya babeke nokudla eziko.”
Uthe bafisa ukuthi umcimbi udlondlobale bagcine sebelanda nabaculi baphesheya.
Amathikithi aseqalile ukudayisa eComputicket naseShoprite/Checkers ngoR150 kuthi iVIP ibe nguR350. Esangweni azobe eqala kuR200 futhi i-coolerbox nguR50.
Amasango avulwa ngo-12 emini.