OSOMAHLAYA abasathuthuka bazothola ithuba eliyingqayizivele njengoba bezoqhulula amahlaya abo bukhoma kuMzansi Magic (161), ohlelweni i-Mzansi Comedy Nights, ezoqala ngeSonto.
USkhumba Hlophe noTrevor Gumbi bazobonakala bephethe lolu hlelo oluzoqala ngo-9 ebusuku.
Kuzobonakala osomahlaya beqhulula amahlaya abo phambi kwezihlwele. Abangakwazi ukuthi bazobe bebukwa ngabanye osomahlaya asebezakhele igama kuleli abazobe bekhona ngemuva kwesiteji.
Kuzothi ekugcineni abethuli bohlelo bahlanganise imibono yabo nosomahlaya abazobe becashile, babanikeze iziyalo ezizobasiza ukuthi bakhule kulo mkhakha.
USkhumba uthe iziyalo abazobe bezinika usomahlaya ozobe esewenzile umsebenzi wakhe ngeke zibe lula kodwa bafuna ukubanika amazwi azobakha ukuthi baye phambili.
“Ngeke nje simtotose ngoba uma wakha umuntu kumele umtshele iqiniso njengoba linjalo, ukuze akhuthale entweni azobe eyenza. Ngakho nathi sizomtshela iqiniso lodwa ukuze umsebenzi wakhe aqhubeke awenze kahle noma asebenze kanzima ukuze abe yile nto edingekayo kulo mkhakha esikuwona, njengoba singangabazi ukuthi bayafuna ukufika la sikhona nathi,” kusho uSkhumba.
UShirley Adonisi, ongumqondisi wezinhlelo zeM-Net, uveze ukuthi injongo yabo ngalolu hlelo ukufaka isandla entsheni yakuleli eke yabhekana nesikhathi esinzima eminyakeni emibili yeCovid-19.
“Kube isikhathi esinzima kuleli kule minyaka emibili kodwa nayo uma sesiyithatha siyibeka eceleni manje kungaba nzima kakhulu, kodwa ke ithelevishini yize ingeke iziqede lezo zinkinga kodwa sibone ukuthi sisize labo abakwazile ukungena kulolu hlelo nokuzobavulela amathuba amakhulu kulo mkhakha.
“Ngeke bagcine ngalokho kodwa bazojabulisa ababukeli besiteshi sethu ngomsebenzi wabo. Okusijabulisayo ukuthi sizoletha ubuso obusha kulo mkhakha iningi labo elizobe lingaziwa nesesikubheke ngabomvu ukubona umsebenzi wabo,” kusho uShirley.
Uthe lolu hlelo luzokhonjiswa iziqephu ezine kuphela.