IMBONGI yodumo uSibonelo “Sbo Da Poet” Mbutho ithi ozakwabo abasafufusa badinga ukunikwa amathuba azobagqamisa nokuyingakho isungule umncintiswano wosonkondlo ngokubambisana neSolezwe noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kuzwelonke.
USbo uthe umkhakha ubukeka ungasagqamile njengakuqala ngoba ingekho inkundla eveza izimbongi ezintsha.
“Ukuze uvelele kulo mkhakha udinga inkundla yokuziveza nomuntu oyedwa ozokholelwa kokwenzayo bese uyakwazi ukuvelela. Ngalo mncintiswano sithatha izinkondlo abantu abazenzela zona bese sizifaka emakhasini ezinkundla zokuxhumana eSolezwe. Lokho kuzokwenza baziwe emphakathini bese bakhela phezu kwaleso sisekelo, baqhubekele phamnbili. Noma engawinanga kodwa uzobe esaziwa,” kusho uSbo.
Uthe abangenelayo kumele baqophe i-video engeqile emizuzwini emithathu besho inkondlo. Kumele ikhulume ngezihloko okuwukucwasa ngokwebala noma ubulili, ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane okanye udlame olubhekiswe kwabokufika nabathandana nobulili obufanayo.
“I-video ithunyelwe ngoWhatsApp enombolweni ethi: 083 536 2936. Yilapho mina namanye amajaji sizobe sesiyihlunga khona ngaphambi kokuthi ishicilelwe ekhasini leSolezwe kwiFacebook ukuze nabantu babuke nabo bavote. Ukuthumela ama-video kuvalwa ngoMeyi 31,” kusho uSbo.
Uthe abanqobayo bazodlulela esigabeni esilandelayo lapho bazobe besembangweni wesiteki sikaR10 000 neminye imiklomelo.
“Abazoba wamanqamu sizobamema emcimbini lapho bezozethula bukhoma izinkondlo zabo bese kukhethwa abaphumelele.”
Owezokukhangisa kwiSolezwe, uPhumi Mkhize, uthe leli yithuba elihle abalivulela abafundi ngokuthi baveze ikhono labo kwezezinkondlo.
“Inkondlo ingaba ngisho nokufunde kwiSolezwe ngaphandle kwalokhu okubalulwe esikhangisweni. Ozophumelela uzothola uR5 000, owesibili wuR3 000 kuthi owesithathu athole uR2 000 okuyimali ezokusiza empilweni. Sibonga noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ngokuthi sibambisane. Abafundi abathumele ama-video abo besho izinkondlo. Siyabonga nakuSbo Da Poet okuwuye ozobe ebhekelela kakhulu izinkondlo ukuthi zisesimweni yini,” kusho uPhumi.