INGWAZI yekwaito, uSibusiso "Sbu Malawyer" Ntshangase ithi ukudayisa izimpahla yikho okuyisize yakwazi ukuziphilisa nomndeni ngesikhathi kungasahambi kahle emculweni.
USbu (50) ogubha iminyaka engu-25 esemculweni, uthe ingqinamba enkulu adlule kuyo wukuphelelwa yimali.
"Imali iyiyo yonke into. Iyisisombululo sento ofuna ukuyenza empilweni. Uma ufuna ukuphuma kudingeka imali. Uma uyindoda kuba nzima kakhulu. Yingakho ubona abanye bebanjwa wukhwantalala, abanye bangena ezidakamizweni.
“Ngiyabonga ukuthi ngikwazile ukuthi ngehlise, ngasuka esilungwini ngaya elokishini ngayohlala khona. Ngigibelile itekisi ngaphandle kokubheka ukuthi abantu bazothini," kusho uSbu.
USbu owayeyilungu lamaqembu iMashamplani neTKZee Family, uthe obekuqeda kakhulu imali yakhe yizimpahla zokugqoka.
"Ngiwumuntu wesitayela, ngithanda izimpahla. Noma izinto bezingahambi kahle kodwa bengizama ngakho konke ukubukeka kahle. Ngahlangana noVusi Shabalala odayisa izimpahla ezibuya phesheya. Wathi zikhona izimpahla ezitholakala ngamanani aphansi, asikho isidingo sokuya eSandton.
“Ugcine engifaka kuleli bhizinisi nokuthe uma sengiliqonda kahle ngazimela futhi langilapha nasemoyeni. Yilo engikwaze ngalo ukuhlanganisa impilo nezingane zaya nasesikoleni. Namanje ngisalenza futhi nginamakhasimende kuyo yonke indawo," kuchaza yena.
Lo mculi wodumo lwengoma ethi Ama-lawyer, ugubha iminyaka engu-25 esemculweni nge-albhamu entsha i-Celebrating 25 Years in the Game enezingoma ezingu-11.
Uthe akubanga lula kodwa ubonga umusa kaNkulunkulu omnikeze amandla okumelana nezimo ezahlukene.
Uveze ukuthi ngale albhamu akancintisani namuntu futhi akafuni ukuba sematheni kodwa ukukhulisa abasafufusa.
"Mina noRuth Thiel noRobbie Malinga sasinephupho lokuthi senze into yokukhulisa nokufundisa abantu abasha. Savele sangakwazi ukuliqhuba ngoba besimatasa ngezinto zethu. Kwenzekile ngolunye usuku ngashayela uRuth wathi usalikhumbula iphupho sase siyahlangana sabiza noMojalefa Thebe.
“Iphupho bekuwufundisa abantu abasha ngomculo okuwulimi engilwazi kangcono nento engiyithandayo nengikhule ngayo. UMojalefa uthe uyazi ngiwumuntu wekwaito yakudala kodwa asenze isigqi esithandwa ngabantu abasha okuwulimi abaluzwayo," kuchaza uSbu.
Uthe uhlanganise abaculi nabadidiyeli abasakhula abangaphezu kuka-11, asebenze nabo ngenhloso yokubathuthukisa.