KWAZE kwabuhlungu okwehlele izimpangampanga zaKwaZulu-Natal. Intokazi yaseMandeni, u-Ayanda "Tamara" Mzimela beyizihhemela kuTikTok, idakwe yimpatho yo-my friend.Kwasuka iqili elibizwa ngoMyeza lathi akuqongelelwe imali yokuthengela uTamara imoto eyiPolo. Nebala zanikela izinyoni zakulesi sifundazwe.
Bewungabona. Kuphuma wena iPhone 16 Pro Max 512GB - Desert Titanium ebiza uR37 000, exhaswa nanganogada, epepenyekiswa ngebhanoyi. Ehlala kwi-business class.Izingane zakhe bezingasaludli olubabayo. Vumbukiyane indaba yokuthi yonke lemali uTamara uyiqhumuza nomlisa wasePakistan.Zehla izihlathi.
Kuhluleke oMaMbovu noSomizi bebakhuza oNgizwe kodwa banenkani. Ngikhuluma nje uMenzi usenkingeni yokuzondwa yiLadies House ngenxa yokweseka loTamara. UNgizwe waze wagibela ngenhlamba uSizwe Mdlalose ngoba engafuni lutho ngoTamara.
Kushaqeke abantu abaningi sekuvela ukuthi uTamara wansondo usenyamalele nezindodla.Bhu phansi ibhanoyi.Wabuya uTamara waveza amahlazo oMyeza noMax Makhanya ukuthi besebemphoqa ukuba abakhokhele izizumbulu. Kucace bha ukuthi bekuqolwa amabhinca ngegama likaTamara. Mina ngithi nje kuTamara, mamfuza imali yezinyoni lapho wena khona ziyogcina ukubhayiza. OMyeza noMax bafake kwi-voicemail vele wawungabathumile ukuba bathuke abantu.