IZINOMBOLO ezinhle zababukeli ziphoqe inkampani yakwaMultichoice ukuthi iqhubeke nokulethela abantu base-Africa uhlelo iBig Brother Mzansi ekhuza ibuya nangonyaka ozayo.
Kulo nyaka lolu hlelo lube nezingqinamba eziningi ezidale ukuthi kuze kukhishwe abanye akade bekulo ngenxa yokukhuluma amagama angehli kahle uma sebephuze amanzi amponjwana.
UYolanda noBravo B, akade bekulolu hlelo kulo nyaka kwaphoqa ukuthi bakhishwe isikhathi sabo singakafiki ngenxa yokukhuluma amazwi athinta ucansi bewabhekise kozwakwabo. Lokhu kwadala omkhulu umsindo owaholela ekutheni baxoshwe.
UNomsa Philiso ongumphathi wezinhlelo ezahlukene eziteshini zakwaMultichoice kuleli, uveze ukuthi yize kube nomsindo nabo obugcina ubaphazamisa kodwa ukwenza kahle kohlelo yikhona okubaphoqe ukuthi balubuyise.
“Lolu hlelo sithe asilubuyise iminyaka emibili ilandelana ukuze sibone ukuthi luzokwenza kanjani. Kulo nyaka sithe uma sibheka izinombolo zalo kwacaca ukuthi yize umsindo ungaka kodwa abantu bayaluthanda. Ngakho yize kusezandleni zethu konke, kodwa abantu esibabeka phambili ababukeli bethu.
“Umsindo obukhona ezinkundleni zokuxhumana ubusisanganisa amakhanda isonto nesonto, ngakho owakulo nyaka ube mkhulu kakhulu njengoba izigameko ezingahambisani nohlelo zenzeke kwaze kwaba kabili nokuyinto esithemba ukuthi ngeke ize iphinde ibonakale ukuya phambili,” kusho uNomsa.
Uthe manje njengenhlangano bayazicubungula kabanzi izinhlelo ezithandwa ngabantu.
“Izibalo yizona ezisitshelayo ukuthi umdlalo noma uhlelo kumele siqhubeke nalo noma cha. Ngonyaka odlule sike sasakaza uhlelo olufanayo kodwa lona obeluhlanganisa abakuleli nabaseNigeria, nalo kukhona la lusibhekise khona esisezinhlelweni zokuthi siqale sihlanganise lokhu ebesikubheka ngalo nesibonile ukuthi kuzosebenza,” kuchaza yena.
Ukhuluma kanjena nje uNomsa, Isolezwe lithole kuwona lo mcimbi ukuthi bahlela ukubuyisa iBig Brother-Africa la kuhlanganiswa khona amazwe ahlukene ase-Africa.