ABAZALWANE bazogubha usuku lokuvuka kukaJesu, kusasa ngo-5 ntambama, ngedili lamahlaya kwi-100% Zulu Comedy Easter Sunday Edition eGolden Horse Casino, eMgungundlovu.
Kosomahlaya abazobe besina bededelana kubalwa uFelix Hlophe, Simphiwe Shembe, Amawele AseChesterville, Siyanda Maphumulo, Churchboy, Tsoro, Justice Kubheka, Sne Mkhize, Dlungelwa noBhabha.
Umgqugquzeli womcimbi uZazi Nxele weZazi Media Events, uthi inhloso yomcimbi ukuheha izivakashi ezizobe ziqhamuka emadolobheni angomakhelwane, ukuba zize ngobuningi zizofukula umnotho eMgungundlovu.
Uqhube wathi, umcimbi wenzeke ngesikhathi esihle ngoba umengameli wezwe usanda kuvula izwe, emuva kweminyaka emibili abantu bezivalele ezindlini emva kokuqubuka kweCovid-19.
"Sikujabulele kakhulu ukwamukela izinkulungwane zabantu emcimbini futhi sikhuthaza umphakathi ukuba uthenge amathikithi ngobuningi bawo ngokushesha, ukuze ugweme ukuphoxeka ezikhungweni ezidayisa amathikithi, okusePick n Pay noma eWebtickets,"
UZazi uthe ithikithi elilodwa libiza uR200. I-100% Zulu Comedy Easter Sunday Edition ixhaswe yinkampani yezimoto iBMW, uMgungundlovu FM, Ukhozi Tracker nePietermaritzburg Tourism.