“AKUKHO okungadluli futhi ngisayikhumbula indodana yami, uRiky Rick.”
Ngamazwi kanina womculi ongasekho emhlabeni ngesikhathi kwethulwa incwadi ethi Dearest MaRiky: A Mother's Journey through Grief, Trauma and Healing.
ULouisa Zondo, unina kaRiky Rick, ubhale incwadi emva kokushona kwendodana yakhe ngoFebhuwari 23, 2022, ngokuzikhunga.
NgoLwesibili ebusuku, kwethulwe incwadi e-Ike's Bookshop, emgwaqweni uFlorida, eThekwini, kanti ngoLwesithathu yethulwe e-Exclusive Books eGateway, eMhlanga.
Umcimbi wokwethulwa kwencwadi ngoLwesibili e-Ikes’ Bookshop, ubuhlelwe yiJacana Media ngokubambisana nesitolo sezincwadi.
Ebuzwa ngenhloso yokubhala incwadi, uLouisa uthe ubefuna ukukhipha okungaphakathi kuyena futhi akhulule umphefumulo.
Uthi ngesikhathi izingane zakhe zisakhula, bezivamise ukumbuza okuningi ngempilo yakhe, bese ezithembisa ukuthi ngelinye ilanga uyobhala incwadi echaza konke.
"URiky ubevamisile ukungibuza ukuthi kungani ngithanda ukuzivalela ekameleni? Kanti izingane zami bezikhathazeka ngempilo yami njengoba ngahlukanisa noyise wazo zisencane. Bengiphendula ngokuthi, ngelinye ilanga ngiyobhala incwadi eyochaza konke," kubeka uLouisa.
Uthi ubuhlungu abuzwa ngokushona kwendodana yakhe bamgqumquzela ukuthi avakashele eMount Everest, ayoqwala intaba nabangani bakhe.
"Ngemva kwenyanga eshonile umfana wami uRiky Rick, ngavakashela eMount Everest, nabangani bami ngenhloso yokuphumuza ingqondo nokukhulula umphefumulo wami. Kwangisiza ngathola ithuba lokubhalela uRiky izincwadi ezimfishane," kuchaza unina womculi.
Echaza ngezinselelo zokubikela abazukulu ngesikhathi eseshonile uyise wazo, uncome isibindi nobuhlakani bukaBianca, unkosikazi kaRiky.
"Ngibonga uBianca, owathwala umsebenzi wokutshela izingane ngokushona kukaRiky. Ungambona emncane ngomzimba kepha unobuhlakani obungaphezu kwamandla. Nguye owazinikela, wazibophezela ekutsheleni izingane.
“Waziqinisa idolo ngokuthi akukho okuzoshintsha ngaphandle kokulahlekelwa nguyise wazo. Wathi zinelungelo lokuchaza ukuthi zizizwa kanjani ngokulahlekelwa nguyise wazo," kubeka unina kaRiky.
Yize bekunzima ukugonyuluka ngezinye izinto ezibhalwe encwadini kepha uchazile ukuthi uRiky Rick, wayevamisile ukusho ukuthi uphatheke futhi ufikelwa yimicabango yokuzibulala. Uthe eminyakeni edlule, ngaphambi kokuthi ashone, umculi waya esikhungweni esisiza abadla izidakamizwa futhi efuna ukulwa nokhwantalala, athe bekumphatha esikhathini esiningi.
ULoiusa uthi washaqeka uma ethola ucingo luphuma kuBianca, unkosikazi kaRiky Rick, ekhathazekile ngokuthi akamboni kepha uthola ipheshana elinomyalezo. Uthi akazange acabange ukuthi umculi angagcina ezibulele.
"Kuyangifikela ukuzisola njengomzali ukuthi mhlawumbe angizange ngimnake umfana wami ngoba ngangizitshela ukuthi konke kuhamba kahle empilweni yakhe futhi usemdala. URiky ubengumuntu onozwelo futhi ethanda ukunakekela abanye abantu. Kanti nami nganginezami izinselelo zempilo hleze yikhona okwenza nginganaki,"
Uqhube wathi ukusizwa ngumeluleki wezengqondo nezomphefumulo kuhlomise ngolwazi nangezikhali zokubhekana nezinselelo empilweni.
"Njengamanje sengiyakwazi ukubhekana nezinkinga futhi ngisebenzisana nabafowabo, nomndeni ukuze ngiqikelele ukuthi nabo ngiyabanakekela. Kanjalo nabazukulu bami ngiyabanekekela kanti uBianca nonina wakhe, bayazinakekela izingane zikaRiky Rick.
“Ngiyacabanga ukuthi sengifunde okuningi ngezinselelo empilweni; ukhwantalala, izifo zengqondo, ukuzibulala kwabantu futhi ngiyazwelana nabanye ababhekene nalokhu," kuchaza unina kaRiky Rick.
Incwadi iyatholakala ezitolo zase-Exclusive Books nase-Ike’s Bookshop, esemgwaqweni uFlorida, eGreyville, eThekwini, kanti ngoJuni 9, izokwethulwa e-Eastern Cape.
Ngolunye ulwazi ungaxhumana nabewww.jdoubledpublicity.co.za; nabakwaJacana Media ngokuzibekisela indawo, [email protected]