KUYENZEKA ngesinye isikhathi umuntu azitshele ukuthi ungibuza umbuzo obhedayo kanti cha yonke into iyaba nempendulo yakhona.
Bengisanda kuthola umbuzo nje ukuthi ngabe siyaguga yini isikhumba somuntu omnyama? Impendulo yami ithi: Yebo.
Namhlanje ngixoxa ngokuguga kwesikhumba.
Cishe wonke umuntu uma ezibuka esibukweni uyaye azibuke athi: “Hhayibo, angisafani nakuqala, sengathi sengiqala nokushwabana nje.”
Sonke sizoguga kodwa kukuwena ukuthi uzimisele ngokuthi uguge ukhahlakile noma uguge kahle.
Ukuguga akumane kwenzeke nje, kuthatha isikhathi.
Lokhu kubonakala ngoguquko oluba khona esikhumbeni uma usibuka nendlela esisebenza ngayo isikhumba sakho.
Zonke izinguquko ezenzeka esikhumbeni sakho umsuka wazo kungaba yindlela ophila ngayo, yindlela odla ngayo, indawo ohlala kuyo nokudaleka kwakho njengomuntu.
Ukuguga kwesikhumba kuhlukaniseke kabili:
Indlela yokuqala ibizwa nge-intrinsic ageing.
Lena yindlela ongeke uyigweme ngoba eyendalo. Ukuqala ukuguga kwesikhumba kuqala useneminyaka esukela kwengu-20. Indlela isikhumba ebesisebenza ngayo usakhula iyajika ishaye ngolonwabu. Asibe sisashesha ukukhiqiza ama-skin cells akwenza ubukeke umuhle unesikhumba esibushelelezi.
Ukushwabana kudalwa wukuthi uketshezi esilubiza nge-collagen olwenza singabi nokushwabana isikhumba nalo lusuke lungasakhiqizeki njengakuqala.
Lokhu akumane kusheshe kwenzeke, kuthatha iminyaka yingakho kubonakala ngokuhamba kwayo. Nendlela wena odalwe ngayo inomthelela ekutheni kusheshe noma kungasheshi ukubonakala ukuthi usuyaguga.
Izindlela zokubona ukuthi sekuqalile lokhu kuguga esikubiza nge-intrinsic ageing yilezi:
Uyaqala ushwabane nesikhumba sithambe njengephepha uma usithinta, usizwe nokuthi somile kwenzeke nokuthi sincinze. Kwabanye kuyenzeka sibe mahhadlahhadla uma bethi bayasithinta, siyashesha nokuzwela uma sihlangana nento engahambisani naso.
Nokujuluka akube kusafana nakuqala ngoba uma siguga isikhumba nama-skin cells akhiqiza umjuluko nawo ayancipha esikhumbeni.
Izinwele nazo ziba nezinguquko zibe mhlophe, zinciphe kuvele nempandla kwabanye abantu. Kuyaye kuthi uma iminyaka iqhubeka, kuvela izinkinga ezahlukene esikhumbeni ngoba kasigugi ngendlela efanayo.
Indlela yesibili yokuguga ibizwa nge-extrinsic ageing.
Yona idalwa yindlela wena oziphethe ngayo, amathuba okuthi uyishintshe akuwena. Le iyakwenza uzibone ugugile kanti asikakafiki nesikhathi sokuthi kufanele engabe usubukeka ngaleyo ndlela.
Ukumane usuke nje uyohlala elangeni ngoba uthi uyalithanda, nakho kunomthelela ekutheni uzibone usunesikhumba esibukeka sengathi isikhumba esishukiwe nokuba nebala elingafani.
Ukubhema nakho kunomthelela ekugugeni kwesikhumba, imvamisa kuba nokushwabana eduze komlomo ngoba usebenza kakhulu umlomo ngesikhathi udonsa intuthu kagwayi.
Ekuhambeni kwesikhathi iskhumba siyakhathala siguge sibe nemibimbi. Nokujwayela ukunyakazisa kakhulu ubuso uma uxoxa kuyenzeka kugcine sekunemigqa kulezo zindawo, njengokumamatheka ukuhlina nokubuyisa izinhlonzi.
Indlela olala ngayo inawo umthelela. Uma njalo ulala ngendlela eyodwa, kusala imigqa ebusweni emva kweminyaka kugcina kushwabene ubuso kuleyo ndawo. Uma futhi uthanda ukudla kakhulu ushukela nawo unomthelela ekusheshiseni ukuguga kwesikhumba.
Yini ongayenza ukuqinisekisa ukuthi isikhumba kasisheshi ukuguga?
Kubalulekile ukugwema ukumane uhlale nje elangeni singekho isidingo.
Qikelela ukuthi zonke izinsuku uyayigcoba i-sunscreen, kungabe kuyashisa noma liyana.
Akusiyona eyokugcotshwa mhla kuyiwe ebhishi kuphela. Izimpahla zokugqoka nazo kumele zikuvikele emisebeni yelanga eyingozi. Kubalulekile nokufaka izibuko zelanga uvikele amehlo akho. Nokuzihlola isikhumba kubalulekile ukuze uzibone uma usumilwa yinto engajwayelekile.
Ukugwema ukubhema kungaba nomthelela omuhle esikhumbeni sakho. Zijwayeze nokuphuza amanzi. Isikhumba siyagcotshwa ukuze siphile kahle. Akulungile ukuhlala nesikhumba esiphashile, lokho kuyasigugisa isikhumba.
Uma ufuna ukusiza isikhumba sakho uvuselele ama-skin cells ukuthi awenze kahle umsebenzi wawo sibukeke kahle isikhumba sakho, ungaya kungoti wesikhumba akwenze ama-chemical peel, microdermabrasion, microneedling ne-photodynamic therapy.