ISITESHI somphakathi saseNewcatsle, iMvula fm sethule uhlelo lokulekelela ngokudla abafundi bakamatric abavela emindenini ehlwempu.
Lolu hlelo lwethulwe izolo khona eNewcatsle. Inhlosongqangi yalo ukuqinisekisa ukuthi abafundi bakamatric abavela emindenini ehlwempu abaphazanyiswa yindlala.
Lokhu kushiwo ngumsunguli walesi siteshi ophinde abe ngusomabhizinisi owaziwayo uMnuz Phumlani Dlamini odume ngelikaMngcwabuyahlehla.
UDlamini ophinde abe ngumelaphi wendabuko uthe bazonikezela ngamagilosa okudla kuleyo mindeni ehlwempu enabafundi bakamatric.
Uthe sebethole imindeni engu-30 enabafundi bakamatric abazothola usizo.
Uthe bazibophezele ekutheni bafake igxalaba uma kukhulunywa ngezemfundo kanye nekusasa labantu abasha.
"Lokhu sikwenza ngoba siyaqonda ukutho abanye abafundi bangagcina sebefeyila ngenxa nje yenkinga yendlala. Siyathemba ukuthi lolu hlelo lwethu luzokuba usizo olukhulu," usho kanjena.
Uthe lolu hlelo abaqali ukulwenza njengoba nangonyaka owedlule balwenza futhi.
"Ngalokhu okuncane esinakho kumele senze isiqiniseko esikhulu sokuthi abantu abasha bethu siyakwazi ukuthi sibalekelele," echaza.
Uthe lolu hlelo ngolwemindeni yaseNewcastle okuyilapho umsakazo ozinze khona.
Uveze ukuthi isiteshi iMvula fm siwubeka phambili umphakathi waso ngaso sonke isikhathi.
Lesi siteshi sike sasakazelwa nanguLinda "Mr Magic" Sibiya owaduma kakhulu kuKhozi fm wadlulela nakwiVuma fm.