OMUNYE wabalingisi bomdlalo wethelevishini iThe River, uthi ukuzikhandla esazama ukuzicabela indlela kulo mkhakha, kwenze wangathuka esethola ithuba lokulingisa kuwo, akuchaza njengempumelelo enkulu.
UVuyo “Voodur” Biyela (27) waseMlaza, eThekwini, ulingisa indawo kaMlilo Hlophe kwiThe River ekhonjiswa kwi-1Magic nakwiShowmax, aqale ukubonakala kuyona ngoMeyi, wanyakenye.
“Bese kuyisikhathi eside ngizama ukucaba indlela yami kwezokulingisa, izinto zingahlangani - engicabanga ukuthi yikho okwenze ngakwazi ukwamukela kalula impumelelo yami sengithola ithuba lokulingisa kwiThe River.
“Nakuba ngibona sengathi kusheshe kwenzeka ngoba ngiqede ukucijelwa ukulingisa eDUT ngo-2020, lokhu kuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona futhi uyababonelela abazikhandlayo kwabakwenzayo,” kuchaza uVoodur ophinde abe wumculi we-Afro pop.
UVoodur oseke walingisa kafishane kwiDurban Gen, uthe okunye okumjabulisa ngokuba kwiThe River wukusebenza nezinkakha zabalingisi ezinjengoBrenda Mhlongo, Sindi Dlathu noBheki Mkhwane onguyise ngokomdlalo.
“Kuningi engikufunda kubona ngoba sebeneminyaka beyibambile endimeni yezokulingisa, futhi ngijabule ngokuba yingxenye yesizini yesithupha esesiqalile ukuyiqopha - ngoba ngizoqhubeka nokuthekela ulwazi kubona,” kusho uVoodur onendondo yeNewcomer in Film ayinqoba ngendawo kaSizwe ayidlale kwifilimu iSalamina.