INYOSI kaMongameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, iqokwe emcimbini wezindondo iSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards.
UMusawenkosi Nqobile Duma (29) waseMlaza, owaziwa ngelikaNqanawe Yangempela, uqokwe emkhakheni weBest Praise Poet. Kulo munxa uMusawenkosi uqokwe ngenkondlo ethi Izibongo Zomawengane, lapho eqhathwe noLizo Ndobe, Ndebele Alpha Gadanga, noMulalo The Poet. Kulo nyaka uMusawenkosi uhashe uRamaphosa kwiState of the Nation Address (SONA) ngoFebhuwari wakulo nyaka.
“Ngimngenisa ngezibongo ezazibhalwe yimi. Ukukhethwa kwami, ngakhethwa ohlwini lwezimbongi zaseKZN, ezijwayele ukuhlabana emicimbini eyenziwe omasipala,” kusho uMusawenkosi waseDumisa, eMzimkhulu.
Imfundo yamabanga amancane uyithole eDumisa Primary, DRC JSS, nase-Ekwazi High, eMlaza.
UMusawenkosi uthe ubejwayele ukuzithathela onombolo 1. “Uma kwenzekile ijaji langabona kahle, ngiwele ku-2,” kusho u.sonkondlo.
Phambilini uMusawenkosi uke wabongela iSilo Samabandla, uMisuzulu kaZwelithini, nomsakazi woKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe.
Uthe ukusabalala komsebenzi wakhe kusizwe yizinkundla zokuxhumana, ikakhulu iTiktok.
“Ngisizwe kakhulu yiTik Tok eyenze umsebenzi wami usabalale. Kuwona ngijwayele ukuhhasha izithakazelo zezibongo ezahlukene zabeNguni. Sengike ngahasha osomabhizinisi abahlukene, abanye ngibahashela imikhiqizo. Abanye izimoto.”
UMusawenkosi ukholwa ukuthi uzoyithatha indondo yeBest Praise Poet kulo nyaka ngokulekelelwa yiNingizimu Afrika.
“Ngivotelwa ngokuthumela iSMS ebhalwe ukuthi 23Satma18 ku 49495. Uvota noma yikangaki,” kuphetha uMusawenkosi.