UBUKHULU bomsebenzi asewenzile nasawenza ebucikweni nokunconywa ngobuciko bakhe bobunkondlo, kukhuthaze imbongi uMbali Malimela, yadidiyela icwecwe lezinkondlo eziyisithupha, ukubungaza impumelelo yayo kwezobuciko.
UMbali waseDududu, ogwini oluseningizimu yeTheku, useqede konke ngaleli cwecwe elisihloko sithi Umngcele, asekhiphe izinkondlo ezine zalo, ahlale ezidedela njalo ngoLwesihlanu, ukwendlalela usuku lokuphuma kwalo ngoSepthemba 20.
Ilandisa Isolezwe ngalokhu, le mbongi yodumo lwenkondlo ethi Isibeletho nethi Ilanga, ithe lokhu kuyindlela ehlukile eqoke ukuyisebenzisa ukuze abantu balangazelele umsebenzi wayo.
“Ukukhipha lezi zinkondlo ngayinye njalo ngoLwesihlanu, kusuka emavikini amane edlule, yicebo lokwenza abantu balangazelele ukuzwa nalezi ezinye ezimbili ezisele engizozidedela ngosuku lokuphuma kwecwecwe. Kuzokwenza futhi ukuthi noma seliphumile lonke, umuntu afune ukuqala phansi ayolilalela kabusha, noqalayo ukulizwa uzobe emagange, efuna ukuzwa ukuthi ngiqukethe umyalezo othini kulona,” kusho uMbali.
Eqhuba, uthe uliqambe ngokuthi Umngcele ngoba kwenye yezinkondlo elikuyona, wexwayisa abantu ngokuthi bashiye igebe phakathi kwabo nabanye abantu, bangavumeli ukuthi abantu abathile bangene bagamanxe empilweni yabo, nokuthi babenzise noma yini abangahambisani nayo.
Le mbongi eyaqala ukuhaya izinkondlo ngo-2012, kuleli cwecwe isebenze noJessica Sgwebela, SmartBlack Mampondo, Sibusiso Malimela, Ayanda Nxumalo, Mzukulu noMusa Grae oliphrojusile.