UMCULI kamaskandi Igcokama Elisha, okumenyezelwe ukuthi ungomunye wabaqashiwe kwiGcwalisa Spring Picnic, uthi akunjalo, akaqashiwe.
UKhuzani ongomunye wabahleli bomcimbi ukhiphe uhlu lwabaculi abazonandisa kuwo ePeoples Park, eThekwini ngo-Okthoba 15, kanti kukhona negama leGcokama Elisha.
Uthe bonke abaculi sebedalulile ukuthi baqashiwe emcimbini wakhe ngoba kulo mcimbi kungena umculi onabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana. Igcokama yilona elihamba phambili nelisekuqaleni kohlu ngoba kuvela ukuthi linabalandeli abaningi.
Emva kokuphuma kohlu, Igcokama Elisha libhale ekhasini lalo kwiFacebook lathi ngenxa yokwenyuka kwezinga lalo emculweni, isinyukile imali eliqashwa ngayo. Lithe likhokhelwa uR150 000 uma lizocula bukhoma emcimbini, kube uR100 000 uma kuzoba yibacktrack. Lathi alisanandisi emcimbini okuthiwa kumele lilingise iCD.
Lithintwa ngeGcwalisa Spring Picnic, Igcokama Elisha lithe alikakaqashwa kulo mcimbi.
“Umuntu ofake igama lami ohlwini labaculi asebeqashiwe ubeziqambela amanga ngoba ezama ukuheha abantu ngegama lami. Ngisaceliwe abahleli bomcimbi abathe kumina akuwona okaKhuzani, bathi angithumele iquotation. Ihhovisi lami libathumelele iquotation, kaR100 000 nekaR150 000. Ngisalinde ukuzwa kubona ukuthi bayangiqasha yini noma cha. Uma bengiqashile ngiyobazisa abalandeli futhi ngizoqala ngiwumakethe umcimbi. Noma bengangiqashile ngiyokuveza lokho.Angikubhekile ukuthi umcimbi ungokabani, ngizonandisa kunoma okabani uma sivumelana ngenani engisuke ngilibizile," kusho Igcokama Elisha.
Kuthintwa uKhuzani omemezele ukuthi useliqashile Igcokama Elisha, uthe ucela kukhulunywe noMthokozisi Zuma, ongaba nazo zonke izimpendulo.
UMthokozisi ukuqinisekisile ukuthi abakaliqashi Igcokama Elisha kodwa sebeyitholile iquotation yalo enguR150 000.
“Okwenza simemezele ukuthi nalo Igcokama Elisha seliqashiwe, yindlela obekuqashwa ngayo kulo mcimbi ngoba kubhekwa umuntu onabalandeli abaningi ezinkundleni zokuxhumana. Njengamanje asikakavumelani ngemali eliyibizile futhi besingakayibuyiseli impendulo kulona,” kuchaza uMthokozisi.