IGAMA lelembe liqhathe umculi kamaskandi nonontandakubukwa ngempelasonto kwaze kwaqhuma ulabhabha. Sekuvele kwenzeka okunye okwehlukile okuthinta leli temu.
UKhuzani Mpungose ubonakale kwividiyo esabalele ezinkundleni zokuxhumana eshaya ngempama uzakwabo uQuality Biyela, kwaqhasha isigqoko abesithwele.
Ekhuluma nephephandaba izolo ekuseni, uKhuzani ukuqinisekisile ukuthi nguye obonakala kwividiyo
Uthe kuqale ngemuva kokuhlonishwa kwakhe emcimbini Umbuso wamaCiko ngoSepthemba 24, obuseThekwini, lapho anikezwa ibhande elibhalwe ukuthi “iLembe”.
“Le nsizwa ibhale kwiFacebook yathi kunomehluko phakathi kwelembe nele**, esho isitho sangasese somuntu wesifazane. Isho ukuthi lona omunye uyile** yena yilembe nokusho ukuthi ubengidelela ngesitho sangasese somuntu wesifazane,” kuchaza uKhuzani.
"Sizwe sikaZulu singabenu, amaphutha nokuphambana okukanoma ngubani. Sesixoxile, sathelelana amanzi nomfo kaBiyela. Siyidlulisile, sicela nakunina yedlule. Eyamadoda iyaphela akekho umuntu ongenasici emhlabeni wonke, umuntu uyawenza amaphutha. Sibonga kuBig Zulu okunguyena osihlanganisile, sayikhuluma kwadlula," kubhala uKhuzani.
UQuality ungene bukhoma kwiFacebook, enza ividiyo ebikhombisa bendawonye noKhuzani bezincokolela. Uphinde wafaka isithombe sabo bexhawulana, sihambisana nombhalo othi "Mina ngith woo."
Abathandi bomculo kamaskandi basijabulele isenzo sabo bobabili kodwa kuthe ngoLwesibili emini omunye umculi kamaskandi wafaka usawoti esilondeli, eveza umacekeceke wemoto obhalwe iLembe SK.
Lo mculi ogama lakhe langempela ngoMthandeni Manqele, umangaze abaningi ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi ebabonisa ukuthi uyinsizwa ngempela. Babodwa abebethi “ngesikhathi abanye beshayana, abanye bathenga izimoto”, behalalisela iGcokama eLisha ngenguzanguza yemoto yakwaToyota.
Xolani Mxolo: “😂😂😂Hayi cha, impela okwaseNingizimu Afrika, yilokhu vele okungekho nhlobo”😀😀🤞
Skhulile Mthembu: “EyeLembe ifuna ubenesbindi😀. Ngoba vele iLembe eleqa amalembe kwakuyindoda enesibindi” 😃
Lastborn Kwa Kwanda: “Futhi kumaskandi ngiyophuma ngebhokisi laseCebolethu”🤣🤣🤣