UMTHETHO bewuqinile kulabo abaphuza iziphuzo ezidakayo kwi-Magic Tour, eMangosuthu University of Technology (MUT) izolo.
Kulolu chungechunge lo mjikelezo ezikhungweni zemfundo ephakeme, utshwala abudingeki ngisho nasemagcekeni.
USizwe Mdlalose obephethe uhlelo ngegiya eliphezulu, kukhona lapho encome khona konke ukuhleleka komcimbi kodwa wakhala ngokushoda kweziphuzo.
Ngokujwayelekile emicimbini enabaculi abaphezulu bayaye bahlinzekwe ngotshwala abazikhethele bona, kodwa kuse ngokunye kwi-Magic Tour njengoba bebelokhu begxishwe amanzi nje.
Izintokazi ezisebenza noLinda ‘’Mr Magic’’ Sibiya ongumsunguli walolu chungechunge bezingakhathali ukubalethela amanzi.
Lokhu kugweme isiminyaminya nesiphithiphithi esijwayele ukuba khona ngemuva kwesiteji njengoba amaciko abecula abe eseyahamba.
Lomcimbi sewubizwa ngeMagic Tour Reloaded kanti uLinda ubejabulile ebingelela wonke umuntu osendaweni yezicukuthwane.
Lomcimbi bewunabaculi abaningi okungabalwa kubona uThembi Seete, Mondli Ngcobo, DJ Nzwiri, Hlengiwe Mhlaba, DJ Merlon nabanye abaningi.
Uqale ngabo-4 ntambama, bekumele uphele ngo-11 kodwa waqhubeka kwaze kwashaya u-1ezintatha ngenxa yabumnandi nokuba baningi kwabaculi.