USEZAKHELE udumo ngesitayela sakhe ajimisa ngaso uNkululeko “King of Squats” Dlamini, ongundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana kulezi zinsuku.
Le nsizwa ezalwa eZakheni, eMnanmbithi, ibonakala ezithombeni ezithe chithi saka lapho ihola abaningi ekuzivocavoceni, ixaxama kuhle kwesele, ibe isebenzisa isigqi somculo kamaskandi.
UDlamini (39) uvele wenza umsebenzi wokujimisa ejimini yakhe iTsere Life 21 eGoli, athi inamalungu angaphezu kuka-50.
“Nginejimu yami kodwa ngiyaqashwa ukuthi ngizojimisa abantu. Uma uthanda ungasimema sikwenzele ngoba kuba sengathi kuyadanswa,” kuchaza uDlamini.
Uthi uqale ukujimisa ngemuva kokuyeka ukudlala ibhola, lapho waze wagijima ezingeni elikhokhelwayo ngoba uke wadlalela iJomo Cosmos, naseSwatini.
Uchaze wathi bekungu-2008 noma ngo-2009, ngesikhathi ebonwa uJomo Sono ngesikhathi befike eMnambithi, naMaZulu beyodlala khona.
“Thina sasiyiqembu lasoThukela. Yangithola lapho iCosmos. NaMaZulu ayengifuna kodwa ngagcina ngikhethe iJomo. AmaZulu ngajima nawo isonto lonke, bathi bazongifonela. Ngaleso sikhathi ngangifundela ukuba nguthisha eNyuvesi yaseFree State. Ngathi ngiqeda ngase ngiya eGoli, uJomo wangihlangabeza mathupha eCarlton Centre.”
UNkululeko, ongakathathi futhi onengane eyodwa, uthe inkinga uJomo wayengamdlalisi yingakho wagcina ephikelela eSwatini.Yilapho afika wazakhela khona igama ngokuba ngumgadli onamandla, onejubane futhi ongayibheki inethi.
“Baze bafisa ukuthi ngidlalele iqembu lesizwe ngoba bebona ukuthi nginguDlamini. Ngabatshela ukuthi ngingowase-KZN. Ngabuyela kwiJomo kodwa ngafike ngangadlala futhi. Yilapho engavele ngabona ukuthi ngeke ngiyimele indaba yokwehla, ngenyuka, ngafundela ukuba yi-personal trainer. Inhloso yami kwakuwukuthi ngijimise abadlali bafane nami ngoba nganginamandla futhi nginejubane. Ngagcina sengithanda kakhulu ukujimisa ngagxila kukho.”
Uqhube wathi le ndlela yakhe yokujimisa uziqalele yona futhi ibizwa ngokuthi umgogodla wesitimela. Uyisusele ekugxumeni njengesele ngesikhathi besakhula. Uthe abanye bakhala ngokuthi inobungozi emadolweni kodwa ukholelwa ukuthi uma uyenza kahle ayilimazi.
“Uma uyenza unyawo kumele luthi mba phansi futhi idolo lingazidluli izinzwane. Ngibheke ku-40 manje kodwa angikaze ngilimale. Ngijimisa ekuseni, emini, nantambama. Sonke isisindo siya ngemuva kwamathanga, esinqeni, nasesiswini. Iyayikhulisa imilenze, inciphise isisu futhi yenze into ebalulekile yokuthi umzimba ubhalanse. Abesilisa abaningi bancane ngezansi bese beba bakhulu ngenhla.”
Uthe selokhu eqale ukufaka ama-video akhe ezinkundleni zokuxhumana, nokuyiwona asemphendule isilomo, uyababona asebekuphendule ihlaya akwenzayo.
“Ngithi labo abenza ihlaya abaqhubekele phambili. Ababoni ukuthi le nto iyasiza kuwo wonke umuntu. Akuyena wonke umuntu wesilisa ozoba nesibunu njengami. Mina ngifuze umama wami nokujima kwase kuyanezelela. Laba abenza ihlaya bakhuphula mina ngoba abantu bayabuza ukuthi , benzani bese bethola ngami.
“Kunevesi eliku-Exodus 14v14 elithi ‘ungalwi wena khona ozokulwela’. Liyangikhuthaza, akungiphathi kabi abakwenzayo.”