INHLANGANO engumsakazeli womphakathi iSABC, ithi izoziphenya izinsolo ezibucayi ezibhekiswe kumphathi woKhozi FM, uNksz Sbongi Ngcobo.
Lezi zinsolo ebezingenasisekelo futhi zingaziwa ukuthi zisukelaphi bezithe chithi saka enkundleni yokuxhumana iFacebook. Zinuka uNksz Ngcobo ngenkohlakalo ethinta nomsindo wengoma ehlukanisa unyaka. Okubuyisa izinhlonze ngazo ukuthi ziphinde zinakaze ngempilo yangasese yalesi sikhulu kwezothando okungaqondakali ubuqiniso bazo.
Le ncwadi, okungacacanga ukuthi ibhalwe ngubani, iqhamuka esikhathini esaziwa ngomsindo wabalaleli nabaculi lapho kunomncintiswano wengoma yonyaka. Ngalesi sizathu u-SABC ukubalulile ukuthi uyakuqaphela ukuthi le ncwadi idedelwa ngesikhathi somkhankaso wengoma yonyaka. Kuqubuka lezi zinsolo nje, akukapholi maseko kade kunemibiko ephephandabeni laseGoli ethi kunabaculi abahlela ukuduba lo mqhudelwano wengoma yonyaka, okwenza i-SABC ixwaye ukuthi kunebhodwe eligovuzwayo ukona uhlelo lwengoma yonyaka.
Lo mkhankaso usuvele unezivuvaba zomsindo njengoba naphambilini kwaze kwafakwana ezinkantolo ngobunikazi bohlelo lokuvotelwa kwengoma yonyaka. Okubuye kwengezelele umsindo umbango ohlale ushisa phansi phakathi kwabaculi bakamaskandi abanabalandeli abangezwa mshini ngabo.
Incwadi iveza nokuthi kusolwa ukuthi kunohlelo lokushintshwa kwenkampani ezobheka amavoti engoma yonyaka.
Empendulweni yayo iSABC iveze ukuthi ezinye zalezi zinsolo zibucayi kakhulu futhi bazozibheka njengoba kukhona ezithinta umsebenzi.
“Ziningi izinsolo ezivezwe yile ncwadi ethunyelwe kithi yase izungeza nasezinkundleni zokuxhumana. Uma kukhona esikutholayo ngazo nakanjani kukhona uphenyo esizolwenza,” kusho isitatimende se-SABC.
“Okumele kwaziwe umphakathi ukuthi lezi zinsolo ziza ngesikhathi lapho kunomkhankaso khona wengoma yonyaka futhi abantu bevota. Konke lokhu okwenzekayo kuyasikhathaza ngoba kwesinye isikhathi kusuke kuphazamisa umkhankaso oqhubekayo wengoma yonyaka. Abaphathi be-SABC bayaziqhenya kakhulu ngokuqhubeka kwalo mkhankaso ongakhulisi nje abalaleli kodwa okhulisa nomsakazo,” kuchaza isitatimende.
Bathe bafuna ukuqinisekisa bonke abalaleli ukuthi zonke iziteshi ezinalo mkhankaso zizolandela imigudu ehlukene nefanele ezokwenza kudlale ingoma okuyiyona enamavoti amaningi uma sekuhlukana unyaka. Ngokwazi kwabo bathe uKhozi lusahambisa konke ngendlela ehambisana ne-SABC.