AMAWELE uViggy noVirginia Qwabe, azibiza ngeQ Twins emculweni, athi asecele inkampani angaphansi kwayo i-Afrotainment ukuthi awatholele abaculi bangaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika azosebenza nabo.
I-Q Twins ibikhuluma naleli phephandaba ngemuva kokuthola izindondo ezimbili emcimbini amaBasadi in Music Awards ngempelasonto.
Le miklomelo, obekungokwesibili ikhona nonyaka, abeseJoburg Theatre.
I-Q Twins igoduke nezindondo ezimbili, okungeye Duo/Collaboration of the Year neyeMost Streamed Song (Ephreli 2022 noMashi 2023) ngengoma ethi Sobonana.
“Besingalindele nokuthi kukhona esizokuthola kule miklomelo. Sathola isimemo, besazisa nokuthi bazosifaka kwabaqokiwe, sajabula. Nokuthamela umcimbi siye singayilindele yonke into eyenzekile,” kusho uViggy.
Uthe eyengoma edlalwe kakhulu yiyo ebamangazile ngoba babizwe sebephuma, kwabajabulisa kakhulu.
“Ingoma yethu bayayijabulela nakwamanye amazwe ase-Afrika. Lokho kusifikisele izinyembezi, kwavuka nezindala sisaqala emculweni ukuthi umuntu eselwe kangaka, sengathi sekuyakhanya.
Sinezinhlelo eziningi zokuphumela ngaphandle kwakuleli sisebenzisane nabaculi bangaphandle. Sicelille e-Afrotainment ukuthi basilungisele lokho, yinto esezinhlelweni,” kuqhuba yena.
Uthe njengamanje bamatasa nokulungisela i-EP yabo entsha njengoba ekhona, iWords of Hope yaphuma ngoNovemba ngonyaka odlule.
“Kade sihleli unyaka wonke singakhiphi ngoba kunezinto ezintsha esifuna ukuzilethela abantu. Cishe ngomhla ka-25 Agasti lapho nje, kukhona ingoma esizobingelela ngayo ngaphambi kwe-EP ephelele, igama layo okuzoba yi-Akuphelanga.
Sicela kube yimfihlo ukuthi sisebenze nobani kodwa sihlanganise izingqongqo. Kukhona uDJ Tira, uXowla weNkabi Records nabanye abaziwayo esingeke sibasho.”