UKUZA komdlalo weshashalazi wamahlaya waphesheya kwezilwandle ozokhonjiswa eDurban ICC, eThekwini, ngoDisemba, kuzosiza ukufukula umnotho weTheku, futhi kulekelele ukuthuthukisa amakhono enstha kwezokulingisa.
Lokho kushiwo yisikhulu esiphezulu sezokusebenza eDurban ICC, uJohn Aritho, ngesikhathi kwethulwa izinhlelo zomdlalo weshashalazi wamahlaya othi ELF: The Musical, ozokhonjiswa khona ngoDisemba 16 kuya ku-29, okungokokuqala uza kuleli zwe.
UJohn uthe ukuletha lo mdlalo osuselwe encwadini kaThomas Meehan noBob Martin, kuyindlela yabo yokungenisa imali emnothweni wedolobha futhi baqinisekise nokuthi abantu abazobe beseThekwini ngala maholidi, baba nezinto eziningi nezahlukene zokujabulela amaholidi nabathandiweyo babo.
“Lo mdlalo siwukhethe ngoba usuwenze kahle kakhulu emazweni omhlaba anjengo-USA naseNetherlands selokhu waqala ngo-2003, futhi uzosiza kakhulu ukuveza ithalente labantu abasha abangakaziwa abazolingisa kuwo,” usho kanje.
UDes Govender weYoung Performers Project, inhlangano engenzinzuzo ebhekele ukuhlunga ithalente labalingisi abazolingisa kulo mdlalo, uthe bahlunge kubantu abasha abangaphezu kwa-300 abebehambele inhlolokhono yawo.
“Manje sisele nabalingisi abawu-28 abazolingisa kuwona. Okusijabulisa kakhulu ngalokho wukuthi siqoke abantu abasebasha abaneminyaka eyisishiyagalombili kuya kwewu-24 ukulingisa kuwona, esikholwa wukuthi kuzobakhuthaza ukunaka amakhono futhi kukhuthaze ukuwathuthukisa,” kusho uGovender.
UJohn unxuse abantu ukuthi bathenge amathikithi alo mdlalo ngobuningi bawo ukuze uzoba yimpumelelo, okuzobakhuthaza ukuthi benze eminye imidlalo ezothuthukisa abantu abasha ngamaholidi ePhasika nawaphakathi nonyaka ozayo.
Amathikithi okubuka lo mdlalo aseqalile ukudayisa eWebtickets nasePick n’ Pay ngo-R250 kuya ku-R300.