INTANDOKAZI yomlingisi wakuleli, uNomzamo Mbatha, uthi ukuba nesoka yinto engekho ezinhlelweni zakhe njengoba ematasa nomsebenzi e-USA.
Lo mlingisi waKwaMashu nongomunye wabazobonakala kwifilimu, iComing 2 America ezokwethulwa kubantu ngoMashi 5 kulo nyaka, uthe okwamanje ugxile ekulingiseni nasekuzithuthukiseni ukuze athole imali emkhakheni akuwo.
Echaza ngendawo ayidlalayo kule filimu ebhekwe ngabomvu, uthe ulingisa indawo kaMirembe nehluke kakhulu kunalezo abejwayele ukubonakala ezilingisa kweminye imidlalo ngaphambilini.
“ UMirembe uyintokazi engasabi ngosiko lwayo nephinde iyihloniphe kakhulu imvelaphi yayo. Uma ngibheka le ntokazi, zikhona izinto engingathi ziyafana phakathi kwami nayo njengoba nami ngiwuhlobo lomuntu ozigqajayo ngemumva kanjalo nangemvelaphi yami. Abantu bazobona okuhluke kakhulu kulokhu abebehlezi bekubona uma ngilingisa njengoba ngizobonakala ngiyisisebenzi kuyo,” kubeka lo mlingisi.
Eqhuba uthe yize ebeyingane ebinamaphupho amakhulu esakhula, ukuba efilimini eyodwa nabantu abafana no-Eddie Murphy, Wesley Snipes, Tracy Morgan noLeslie Jones yinto esamthusa uma eyicabanga. Uthe kwesinye isikhathi ubezithola esefa yinsini ngenkathi besaqopha ifilimu ngenxa yosomahlaya abebehlekisa ngenkathi bematasa bonke abalingisi bayo estudio.
“ Ngike ngizibuze kwamina ukuthi ngifike kanjani la engikhona njengamanje. Kodwa ngiphinde ngicabange ukuthi ngabe angifikanga kuleli zinga engikulo ukube bengingabinawo umnyakazo wamaphupho ami, kubeka le ntokazi.
Eqhuba uibonge abeBomb Shelter abamfaka emdlalweni iSibaya njengoba ekholwa wukuthi yilo mdlalo omphendlele indlela emkhakheni akuwo.
“ Yize lo mdlalo uphela, kusazothatha isikhathi ukuthi abantu bakhohlwe yiwo njengoba ufike wakhombisa ababukeli bawo ngempilo ebathinta ngqo. IBomb Shelter ayikaze ishaye eceleni ngemidlalo eyikhombisayo kwithelevishini,” kuphetha uNomzamo.