UMLINGISI woZalo uNothando Ngcobo uthi ufuna ukungena ekwethuleni izinhlelo zethelevishini.
UNothando (27) ulingisa indawo kaHlelo kulo mdlalo okhonjiswa kuSABC 1 ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.
“Ngiyathanda ukwethula izinhlelo. Ngisakhula ngangifuna ukukwenza kodwa lelo thuba alikaifiki okwamanje. Empeleni ngifuna imenenja ezongisiza ukwenza konke lokho nokungitholela eminye imisebenzi ngoba anginayo kodwa angijahile ngithatha isikhathi sami ukuthola efanele,” kusho uNothando.
Le ntokazi edabuka eHammarsdale, ithe igcine ifundela ukulingisa eMarket Theatre, eGoli ngoba nakho yayikuthanda futhi yayidlala emidlalweni emifishane esikoleni.
Uzalo, afike kulo nyakenye, yiwona mdlalo omkhulu aseke walingisa kuwo.
“Ngangingazi ukuthi Uzalo yinto enkulu kanje ngaphambi kokungena khona. Igama lami liyavela uma luqala, nasesikhangisweni salo kuSABC 1 kuvela isithombe sami. Wonke umuntu ujabule nami kodwa lokho akungishintshile. Abangani bami nomndeni wami siphathana ngendlela efanayo, kushintshe ukuthi abantu bayangibuka bafune ukushutha nami.”
Uthe uyakuqonda ukuthi udumo luhambisana nokunakwa ngabantu.
“Kunezinto ezithinta impilo yami engifuna ukuthi zihlale zisesithe. Ngiyazi ukuthi abantu ngeke bakuthande bonke. Ngike ngibuke nje nemiyalezo engiyithola ezinkundleni zokuxhumana bakhuluma izinto ezihlukene. Abanye bayashela, abanye bayancoma nabagxekayo. Angibanaki abagxekayo ngiyazibukela nje ngoba kuyingxenye yempilo.”