UCASULE abathandi bomculo abaningi unontandakubukwa wakuleli ethi uyancoma.
USomizi Mhlongo ongomunye wamajaji ohlelweni ama-IdolsSA uzidonsele amanzi ngomsele ngesikhathi encoma omunye wababheke isicoco uThapelo ngeculo elithi Seasons ohlelweni lwayizolo.
USomizi ujabule kakhulu ngemuva kokucula kukaThapelo wathi yize engayazi ingoma ngokuyizwa kumnikazi wayo ngqo, kodwa uThapelo wenze ezibukwayo.
Le ngoma ngekaLloyiso, umculi wakuleli owayeyingxenye yama-IdolSA eminyakeni embalwa eyedlule nosezakhele udumo nasemazweni aphesheya ngomculo wakhe opholile nephimbo lakhe elimnandi.
Abantu bahlulekile ukuzibamba banikela ezinkundleni zokuxhumana bakhwela badilika kuSomizi ngokuthi akakwazi ukuphawula kanje ngoba okwenziwe wuThapelo akufiki nokufika kulokhu kukaLloyiso.
Somizi must listen to this song, and come back with an apology next week for disrespecting LLoyiso like that. Yohh😔![CDATA[]]>😩#idolssa pic.twitter.com/4YNclsT7T0
— 🔆African Butter🔆 (@afrikhado) October 23, 2022
'Seasons' better than the original artist - Somizi
— GunSmokeMetal (@stylzzy) October 24, 2022
Like❤️Thapelo version🆚Lloyiso original🔁Retweet pic.twitter.com/EDUcOdGXqf
@teestamusic: OSomizi abaphilanga kahle, ingoma awuyazi kodwa ushaya phansi ngonyawo ngokuthi ingcono kuneyomnikazi kodwa awuyazi. Uyijaji lohlelo lomculo kodwa izingoma ozijajayo awuzazi 🤣🤣🤣
@NqobileOfrah: Kuyinhlamba kuLoyiso. USomizi uzivezile ngalesi sitatimende sakhe, amajaji kumele azazi izingoma zabanikazi ngaphambi kokuba ziculwe. Kumele banikwe isonto lonke lokuyilalela ingoma bayijwayele bangagcini sebejaja into engekho.