USOBISHINI uNokulunga Msomi emuva kokubhadanywa wuJub Jub ejola nesoka lakhe ngesikhathi somsebenzi, ebhizinisini labangcwabi iMsuthu Funeral Services, eThekwini.
Ababukeli bohlelo Uyajola 9/9 bazibonela ngawabo uNokulunga (27) waseFolweni, ebanjwa oqotsheni yintokazi eyayicele oJub Jub ukuba baphenye ukuthi isoka layo liyibhanqe nobani. Bafica uNokulunga ezitika nesoka ngenkukhu echochobaliswe emafutheni ngesikhathi somsebenzi futhi kunamabhokisi omngcwabo eceleni kwabo.
Ngokusho komthombo kubacasulile abaphathi bale nkampani ukuthola ukuthi uNokulunga ubuye ajole ngesikhathi somsebenzi.
“Okubadina kakhulu ukuthi isoka lakhe lalisendaweni okungena kuyo abasebenzi kuphela. Amanye amakhasimende akakuthandanga ukungahlonishwa kwezidumbu zawo.”
Umthombo uthe uNokulunga ubizelwe esigcawini sokuqondiswa ubugwegwe yizikhulu zenkampani maqede wamiswa ngokushesha emsebenzini esolwa ngokudicilela phansi isithunzi negama laleli bhizinisi elikuMoore Road.
Ethintwa uNokulunga uvumile ukuthi usahlabe ikhefu emuva kokubizelwa esigcawini sokuqondiswa ubugwegwe.
“Angimiswanga kodwa yimi ocele ukuyophumuza umqondo ekhaya ngoba ngaphazamiseka emoyeni ngenxa yalesi sigameko esangehlela ngingalindele. Bangithelekela emsebenzini ngingazelele.
“Yinto eyayingehlela nanoma ngubani ngoba nami ngangingazi ukuthi ngibhangqwe nomunye umuntu wesifazane.
“Abaphathi akubaphathanga kahle ukufika kwabethelevishini ebhizinisini labo futhi bacasulwa nangezinye izimpendulo zami,” kusho uNokulunga.
Umphathi weMsuthu Funeral Services uSihle Maphalala, uvumile ukuthi uNokulunga ubizelwe esigcawini ngoLwesine ngoJulayi 30, mayelana nokufika kwabe-Uyajola 9/9 emahhovisi eMsuthu Funeral Services.
“Sibe sesilalela udaba lwakhe, eziphendulela ngokwenzeka. Njengamanje usekhefini. Iziphathimandla zenkampani zizobe sezimbiza uma seziphume nesinqumo ngekusasa lakhe,” kusho uMaphalala.
Ebuzwa uNokulunga ukuthi ekhaya bona bathini ngesigameko uthe wabachazela ngoba babelazi isoka lakhe.
“Ababengakwazi nabo ukuthi lalingibhangqe nomunye umuntu wesifazane.”
Uthe akakasithathi isinqumo ngekusasa lakhe nesoka kodwa bagcine ngesonto eledlule ukuxhumana.