Umlingisi ophila nesifo sokuwa obuye nendondo emiklomelweni yamafilimu e-United States of America, uThembi Khumalo, ugqugquzela ubumbano kubantu ukuze bazuze lukhulu.
UThembi odabuka KwaNongoma uhlabane ngendondo yeBest Actress ngefilimu iZipped emiklomelweni ebiyingxenye ye-Africa USA International Film Festival, eLos Angeles.
Ifilimu ebhalwe ngudadewabo kaThembi omdala, uSamukele Khumalo-Dludla eyisusela empilweni kaThembi, ikhuluma ngowesifazane wasemakhaya oqalwa yisifo sokuwa esenza iphupho lakhe lokuqeda isikole lifiphabale.
UThembi uthe ujabule kakhulu ngokunqoba ngoba ifilimu iyafundisa futhi ufuna abantu abaphila nokukhubazeka bathole amakhono ukuze ikusasa labo liqhakaze, bafane nawo wonke umuntu.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngoba angikaze ngilithole ithuba lokwenza ifilimu yokukhubazeka. Ivulela abanye amathuba okuthi uma kunabantu abakhubazekile ezikoleni nakwezinye izindawo babhekelele ukuthi kumele babaphathe kanjani,” kusho uThembi.
Uthe ufisa nabanye abadidiyeli bamafilimu babanike ithuba abakhubazekile ukuze nabo badlondlobale bangabukelwa phansi.
“Okungijabulisile ngokuya eCarlifonia, Los Angeles naseHollywood ukuthi ngibone phansi emgwaqweni kubhalwe amagama abantu ababelingisa. Nathi besifisa ukuthi lana eNingizimu Afrika abantu abangamaciko nabenza ezinye izinto babhalwe phansi. Ngithole nethuba lokuthi ngiye eHollywood sabona intaba ebhalwe amagama akhona ngaze ngayiqwala intaba iHollywood,” kusho uThembi ngenjabulo.
Uphethe ngokudlulisa umyalezo othi: “Kumele sibumbane njengabantu abakhubazekile ukuze noma kukhona izinto esifisa ukuzenza sibumbane ukuze izinto zethu ziphumelele.”
USamukele uthe kubajabulisile ukunakwa ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
“Kuyenzeka ukuthi siyingenele eminye imiklomelo ufice ukuthi siyabandlululeka ngezindlela eziningi ikakhulukazi thina esisafufusa esingenayo imali esingaxhasiwe nesingenayo imishini ephambili, sithola ukuthi siyabandlululeka kungasabukwa umsebenzi esiza nawo, kungasabukwa indaba esiza nayo kodwa kubukwe ukuthi imishini esetshenzisiwe ikuliphi izinga.
Kwamanye amazwe yebo bayakubheka lokho kodwa kubalulekile ukuthi kubhekwe indaba. Kusiqeda amandla thina esisafufusa ukuthi mina ngeke ngize ngimelane nabantu abanemali nabanemishini esezingeni eliphezulu.”
Uthe kuyabajabulisa ukuthi abalingisi abayisishiyagalombili kwabangu-110 abebesefilimini ngabaphila nokukhubazeka.
“Siyacela futhi siyafisa ukuthi abantu basithinte ngoba sineminye imisebenzi esinamaphupho ngayo. Umsebenzi olandelayo sifuna ukubuya nendondo ye-Oscar ngawo manje. Yini ezosihlula thina ukuthi siyithole kepha sidinga kuphela ukuxhaswa uma sithi sizokwenza umsebenzi baseseke.”