UYaya Mavundla, odabuka eKranskop, ngomunye wosaziwayo abahlale bemamatheka futhi bekhombisa ukungabi nazinkinga.
Uyintokazi eyayizalwe inezitho zabantu besilisa kodwa esingowesifazane ophelele emuva kokuguqula ubulili.
UYaya (35) udume kakhulu ebambe iqhaza ohlelweni lwabantu abathandana nabobulili obufana nobabo iBecoming.
Nyakenye uhlabane ngomklomelo weBest Styled Individual kumaFeather Awards waqokwa kuma-Africa Choice Awards futhi wabuye waphatha uhlelo kuMiss World South Africa 2023.
Nakuba kunjalo, uYaya uthe akubanga lula ukufinyelela kule mpumelelo. Uthe ukhule kubo eyingane ebingeyona intandokazi futhi ekhishwa inyumbazane kangangoba waze weqa wayohlala eThekwini.
Uthe kunonyaka lapho azithola esephenduke undingasithebeni emigwaqweni yaseGoli emuva kokulaxazwa ngabantu ayebathemba futhi asabathanda namanje.
Le ndoni yamanzi ithe yathathwa ngabanye abangani ababeyithembise izulu nomhlaba futhi belazi usizi lwayo kanti bazoyishiya esigangeni.
"Kunesikhathi engangingena endaweni yobumnandi kodwa ngingenayo imali yokuthenga."
UYaya uthe wazithola esephoqeleka ukuba adayise ngomzimba ebhilidini elikuNoord, elibizwa ngoMnyamandawo ngoba wayengazi ukuthi uzothathani, ahlanganise nani ukuze athole indawo yokufihla ikhanda.
"Ngathwala kanzima kakhulu. Ngihlale ngithi ngibonga uNkulunkulu ngoba angilitholanga igciwane lesandulela-ngculazi ngaleso sikhathi. Ngangingalithola. Kwakuyizikhathi ezinzima ngempela empilweni yami.
“Ngoba ngaphunyuka ekuqwayizeni ngalezo zikhathi, ngiyohlale ngiziqhenya ngalokho ngoba yayingekho enye into engangingayenza."
Uthe ngisho engaxakeka kanjani manje kodwa ngeke aphinde aqwayize, kunalokho engabuyela emgwaqweni eyodayisa ukudla.
UYaya ubuye waveza ukuthi uke wahlukunyezwa ngokocansi futhi washaywa ngumuntu ayethandana naye.
Uthe wakhetha ukufela ngaphakathi ngoba esaba ukwahlulelwa ngumphakathi ezinkundleni zokuxhumana ngoba akekho owayezomkholwa ngenxa yokuthi indoda eyayimhlukumeza yayidumile kunaye futhi yaziwa njengomuntu oqondile.
"Ngangizohlaselwa ngabantu kuthiwe nginamanga."
Uthe akabasoli abantu besifazane abafela ngaphakathi ngoba basuke besaba ukungcofwa, kuthiwe banamanga.
Ngaphandle kwalokho, uYaya udalule ukuthi iningi labantu besifazane alibafuni nalapho behambe khona abantu besilisa abaguqule ubulili.
“Yingakho nginabangani abambalwa besifazane.” Uthe uyakuthanda ukushada ngolunye usuku kodwa akakufuni ukuba nezingane.