AYAQINA amahlebezi okuqedwa komdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic (DStv 161) njalo ngo-8.30, Isibaya, njengoba kubikwa ukuthi izibalo zakamuva ziveza ukwehla kwesasasa kwawo.
Imithombo ethembekile yeSolezwe idalule ukuthi lingashona elanamuhla sesiphumile isinqumo sokuqedwa kwalo mdlalo.
Kuthiwa lokhu kudalwe ukungajabulisi kwezibalo zababukeli balo mdlalo muva nje, kwazise ukuthi sekunezintandokazi ezintsha zemidlalo yethelevishini.
Kuvela nokuthi izindaba zokunqanyulwa kwawo ziqale ukudingiidwa ekuqaleni kwalo nyaka kodwa waqhubeka ngoethemba lokuthi kukhona ushintsho oluzokwenzeka.
Lo mdlalo osekungunyaka wesikhombisa udlala wasungulwa u-Angus Gibson, Desiree Markgraaff, Teboho Mahlatsi no Catherine Stewart.
USiyabonga Thwala odlala indawo eqavile kaMphiyakhe Zungu ubesematheni izolo emuva kwesiqephu lapho ecishe wabulala khona indodana yakhe uMelusi, emuva kokudinwa kakhulu kwaze kwavuka uMgijimi.
Abalandeli beSibaya balokhu bezibuza beziphendula enkundleni yokuxhumana uTwitter ngezindaba zokuphela kwalo mdlalo.
U- @JustOdwa ubhale ukuthi “Ah ah! Njani manje? #Isibaya yisona u-#Mzansi's Magic. Awukho umlingo weMzansi Magic ngaphandle kweSibaya”.
U-@KaraboMotswadi yena uthe “Kwaqala ngeSithembiso manje sekuyiSibaya...kubukeka sengathi uMzansi Magic ufuna ukuqeda ngemidlalo yeBomb Production”.