BAHLUKENE phakathi abantu ngokuhoxiswa kwegama lomlingisi osanda kushona, uMpho Sebeng, kumaSimon Mabhunu Sabela Film and Television Awards akulo nyaka.
UMpho (31) wodumo emdlalweni osihloko sithi The Ring of Lies ubeqokwe emunxeni weBest Actor Film ngokulingisa efilimini esihloko sithi Ingoma.
Umuntu oqale ukushaya amakhala ngokuqokwa kukaMpho kulo mqhudelwano wezindondo okuhloswe ngawo ukubungaza ikhono elivutshelwe kulesi sifundazwe ngumethuli wezinhlelo zethelevishini uPhil "Kgopolo" Mphela ekhasini lakhe eliku-X (Twitter).
UPhil uthe yizindaba ezinkulu lezi kodwa okuyiphutha ukuthi uMpho ungowaseSoweto, eGauteng.
"AmaKZN Film & TV awards enzelwe ukuhlonipha ikhono labantu abadabuka KwaZulu-Natal. Ngisho nefilimu uqobo lwayo, Ingoma, yaqoshelwa KwaThema futhi ibukeka ishuthelwe eSoweto. Yini pho ehlanganisa ifilimu neKZN ukuze iqokwe kulo mqhudelwano? Yenzeke kanjani into enje? Uma kuyiphutha, kungani abantu abaningi kangaka bengalibonanga ngaphambi kokuhlanganisa uhlu futhi lize lukhonjiswe umphakathi."
Kulo leli sonto abagqugquzeli balo mqhudelwano babe sebenza isitatimende lapho bememezele khona ukuhoxiswa kwegama likaMpho omunxeni onoMasoja Msiza, Kwenzo Ngcobo noSiyabonga Shibe. Bathe ithimba labahluleli lisuke langawunaka lo mkhakha womlingisi ovelele efilimini.
"Sazisiwe ukuthi omunye wabaqokiwe, uMpho Sebeng (sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula) akadabuki KwaZulu-Natal. Yileso sizathu igama lakhe lihoxisiwe kwabane." Sebephetha bathe akekho omunye umlingisi ozongena esikhaleni sikaMpho. Yize abanye bekushayele ihlombe ukushaya ungqimphothwe kwabagqugquzeli kodwa abanye bathunukalile njengoba uMpho eshone engozini yemoto ePotchefstroom, eNorth West, ngenyanga eyedlule.
Usaziwayo ezinhlelweni zeTV, uYaya Mavundla, uthe walibona iphutha futhi waxakeka nje
"UMpho akakaze waqokwa noma wanqoba kumaSimon Sabela Awards ngesikhathi esaphila. Eqinisweni yimbi into abayenze kuye."
UKat Thulani uthe abama-awards bebefuna ukukhangisa ngomqhudelwano wabo ngoMpho.
"Njengamanje sikhuluma ngawo. Inhloso yabo ifezekile." Abanye bathe uMpho ufakwe ngoba kudatshukwa ngokushona kwakhe, ngakho abama-awards bebezama ukumhlonipha.
AmaSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards aqanjwe ngomlingisi ohlonishwayo kuleli nodabuka kwelikaMthaniya. Abanqobile bazomenyezelwa emcimbini ozokuba seThekwini ngoJulayi 20.