OWAYENGUMLINGISI weGenerations, uSonia Mbele, uthe useyakholelwa esithenjini ngenxa yokuthi abantu besilisa bancane kunabesifazane. Uthe yize engasikhonzile futhi engasikhuthazi kodwa asigwemeki ngoba amadoda ahlale enomamncane.
"Kunesikhathi lapho bengingasithandi kodwa kufanele abantu baqonde ukuthi baningi abantu besifazane kunabesifazane. Uma nje uvuleleka futhi uneqiniso ngaso, ungajoli," kusho uSonia owayenguNtombi Khumalo-Dhlomo. Le ntokazi seyike yashada kabili. Kuzokhunjulwa ukuthi uSonia wake washada nommeli uLeslie Sedibe kodwa bahlukanisa ngo-2014.
Ekhuluma kwiPodcast kaDavid Mashabela, uSonia uthe emshadweni wokuqala kwakuhlale kunezintombi ezazibaxabanisa, okuwukuphinga okwamphoqa ukuba ahlukanise nomyeni wakhe wokuqala.
"Kungcono ukuhlala wazi ukuze ube nenhliziyo enokuthula. Yenza wena kukusebenzele ukuba kuso. Angisincomi futhi angijabule ngaso ngoba angisiqondi njengoba sekunama-blesser nama-blessee."
Uthe usakholelwa emshadweni yize eseyofuna umuntu omthathayo asayine isivumelwano.
"Ngisashelwa impela kodwa angisiye uthathekile. Ngiyabazi abantu besilisa. Banamakhosikazi kodwa basahubha amantombazane."
Uthe njengamanje akakayitholi indoda angayiqoma kuleli ngoba usazi konke ngawo. "Kunabangishelayo kodwa ababuye bashele amantombazane engiwacijayo. Noma kunjalo, umuntu usamukelekile ukungikhipha siyodla ngaphandle koKonka." Uthe abantu basazombona elingisa emdlalweni okhonjiswa kwiNetflix osihloko sithi Blood& Water, lapho elingisa khona indawo kaLisabeth Molapo. Yize esalingisa ngenxa yobizo kodwa uthe useyakuzonda ukuba umlingisi ngenxa yokuxhashazwa kwabalingisi.
Ekhuluma noDavid Mashabela, uSonia uthe abalingisi bakuleli basazabalaza kanzima.
"Sengineminyaka engu-25 ngikule ndima. Ngisaya emsebenzini namhlanje njengomlingisi kodwa ngiyakuzonda." Uthe ukungenami ngomholo yikho okwadala ukuthi ashiye phansi kwiGenerations ngoba wayesekhathele ukulwela lokho.
"Ngimdala kule ndima, ngidinga ukukhokhelwa." Uthe inhlupheko yabalingisi yiyo eyenza wagcina esefuna ukuba wumdidiyeli ukuze alethe uguquko. Uthe nakhona ekudidiyeleni kusenzima uma ungumuntu omnyama ngoba kusangeneka kalukhuni. “Uma mina njengomlingisi futhi osengumdidiyeli onamava kule ndima ngisathwele kanzima cabanga-ke ukuthi kwenzekani kwabasafufusa."