UZIZWA ebusisekile umlingisi osanda kujoyina umdlalo owuchungechunge iGenerations: The Legacy, futhi ebona ithuba lizovula eminye iminyango.
UGcinile Nkosi, useke wabonakala emidlalweni eminingi yethelevishini neyeshashalaziokubalwa iScandal, neHostela phakathi kweminye.
Ekhuluma nephephandaba, uveze ukuthi kuyintokozo ukujoyina lo mdlalo aqale ukubonakala kuwona ngoDisemba nyakenye.
“Uma ungumlingisi awukho umsebenzi omncane noma omkhulu kunalokho lonke ithuba olitholayo lisuke lidinga ukuzinikela kwakho ngoba lisuke linamandla okukuvulela umnyango omusha,” usho kanje uGcinile.
Uthe iGenerations iwumdlalo omkhulu futhi onabalandeli bawo nokumenza abe nethemba lokuthi ukuvela kuyona kuzomvulela neminye iminyango.
“Ngibonga ithuba lokuqhubeka ngibonakalise ithalente lami lokulingisa futhi ngithemba ukuthi nababukeli bazoyithokozela indawo engiyilingisayo,” kusho uGcinile.
Kulo mdlalo uGcinile ulingisa indawo kaMaKhumalo, oyinkosikazi kaNkosiyabo Cele, ezaziyo ukuthi ifunani.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, uRussel Savadier, oyi-casting director, uthe: “Sekuyisikhathi eside ngiwumlandeli womsebenzi kaGcinile Nkosi. Kube yintokozo ukuthi ngimqashele lo msebenzi. Besidinga umlingisi ozokwazi ukumelana noNkosiyabo Cele nokuyinto uGcinile akwazi ukuyenza kalula. Unguqweqwe lomlingisi owenza lokhu okudingeka kuyena”.
Emdlalweni iScandal!, uGcinile udlala indawo kaZinzile oyinkosikazi kaMlungisi.