UMLINGISI obedlala indawo kaSlindile Ngwenya emdlalweni osanda kuphela kwi-etv iMbewu futhi odlala ekaDetective Latha kuMkhokha: The Curse, uPortia Ncwane, uqhakambisa iNingizimu Afrika emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe iSHE Awards Africa.
UPortia uqokwe emunxeni weBest Entertainment Founder of the Year kulo mqhudelwano wase-Afrika, ngenxa yokudlondlobala kwenkampani yakhe asevumbulula ngayo amakhono entsheni yakuleli, iSbani Media Production.
Ekhuluma neSolezwe, uPortia uthe ujabule kakhulu ngokutonyulwa nokuhlonishwa ukuba amele elakuleli emkhakheni wezobuCiko njengomsunguli wezinkampani ezimbili, okubalwa kuzo nePortia Ncwane Foundation.
"Konke kwakubukeka kungahlangani ngesikhathi ngiqala inkampani ngo-2014. Buka manje siqokwe emncintiswaneni kazwelonke nakowamazwe ngamazwe ngomsebenzi ebesiwenzela imiphakathi yethu.
Sekuyihlandla lesibili ngiqokelwa umklomelo osezingeni lomhlaba njengoba ngiqale ngeMandela Washington Fellowship Leadership Impact Award ngo-2023. Kimi lokho kwakuwukunqoba okukhulu." UPortia uthe le ndondo imnikeza ithemba lokuthi bona njengamaciko aseNingizimu Afrika sebeyahlonishwa ngomsebenzi abawenzayo wokufukula umphakathi.
"Kuyagqugquzela ukuba siqhubeke nokudala amathuba emisebenzini yize kusathuli kule mboni yezobuciko."
UPortia (30) waseNewlands East, uthe okwamanje usamile ekulingiseni ngenxa yokuthi usagxile emsebenzini wokubhala, ukudidiyela nowokuqondisa amafilimu akhe, okukhona kuwo nama-documentary amathathu.
"Njengamanje ngimatasatasa nokudidiyela ifilimu yami, okwamanje ngisagxile kakhulu ekusebenzeni ngemuva kwamakhamera futhi ngiyakujabulela ukuqondisa abalingisi futhi nami ngizodlala izindawo eziqavile emafilimini ami, akekho olaziyo ikusasa lakhe ukuthi limphatheleni, kungenzeka ungibone ngokushesha kwithelevishini."
Esephetha uPortia unxuse abantu bakuleli ukuba bangene kwi-website yeSHE Awards Africa ukuze bamvotele ngenxa yokuthi kuwinwa ngamavoti.