Sekuvamile ukuthi imidlalo yethelevishini emisha nemidala inqanyulwe ngenxa yezizathu ezahlukene okungaba wukuthi ayisayenzi inzuzo ngendlela ebiyenza ngayo, kokunye kube wukuthi abeziteshi zethelevishini basuke sebefuna ukunika imidlalo emisha nethalente elisha ithuba lokuzibonakalisa.
Omunye wemidlalo okusanda kuvela izindaba zokuthi uyaphela, yiMuvhango ekhonjiswa kwiSABC 2 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9 ebusuku.
Lo mdlalo okhiqizwe yiWord of Mouth kaDuma Ndlovu, uphela nje ubusuneminyaka ewu-27 ukhona njengoba waqala ukukhonjiswa kwithelevishini ngo-1997, usakhonjiswa kanye ngesonto.
Omunye wabalingisi abagqama kwiMuvhango, uDingaan Siyabonga Khumalo, owayaziwa ngoDingaan Mokebe, engakashintshi isibongo, ukhale kakhulu ngokuhoxiswa kwawo.
UDingaan, olingise iminyaka ewu-22 kulo mdlalo, wazakhela igama ngendawo kaJames Motsamai abeyilingisa kuwona.
Engxoxweni neSolezwe uthe: “Kubuhlungu kakhulu ukubona imidlalo engiyithatha njengesemqoka njengalona iphela, ikakhulu ngoba lokho kuholela ekupheleni kwemisebenzi yamaciko.”
Lo mlingisi oseneminyaka ewu-25 elingisa, manje ubonakala emdlalweni okhonjiswa kuMzansi Magic, iHa Molefi, uwuNtate Molefi.
“I-Muvhango ingeminye yemidlalo efike yaguqula izinto embonini yezokulingisa. Yenza saqonda izilimi ezahlukene namasiko abantu abazikhulumayo esasingakwazi ngabo.”
Uthe kulo mdlalo bekukhulunywa kakhulu isiVenda, kukhulunywa nesiPedi, isiSuthu, isiZulu nesiNgisi lapha nalapho.
“Bengifisa ukuthi iMuvhango iqhubeke ngoba ngibona ibisawusizo kakhulu emphakathini,” usho kanje.
“Ukube kuya ngami ngabe sandisa imidlalo kwesinayo, ukusiza ukunika abalingisi abangaziwa ithuba lokugqama. Ukwethula imidlalo emisha ngokunqamula emidala akusizi. Asakhele phezu kwesinakho ukuze kusizakale amaciko,” kusho uDingaan.