USAZIWAYO wodumo ohlelweni lwethelevishini nasezinkundleni zokuxhumana, KwaNjomane kuMzansi Magic, uSmangele "maka-Chicken" Mhlongo, udalule ukuthi ukhulise izingane zakhe ngezinsalela zokudla kwasemingcwabeni.
Ekhuluma kwi-Engineer Your Life Podcast, uthe yena uke waba yisidakwa esasingasanakwa emphakathini. Uthe wayehlale eqinisekisa ukuthi imingcwabo ayimgeji. "Ngangingayi emngcwabeni. Ngangikala ukubuya kwamabhasi."
Uthe usuku agcina ngalo ukudakwa nokuyofuna ukudla kwasemingcwabeni yisigameko sangolunye usuku.
"Usuku engingasoze ngalukhohlwa, ngaya komunye umngcwabo kwatholakala ukuthi umuntu okwakufanele angiphakele akangithandanga. Kwakufanele angangithandi ngoba ngangidakiwe futhi ngingcolile. Ngicabanga ukuthi ngangiwile."
Uqhube wathi waqonda lapho kugezwa khona izitsha, wakhipha uplastiki wathulula konke ukudla okwakusale kubantu kuplastiki ayehlale ewuphethe. Kwakuyingxubevange yokudla okuyirayisi, inyama yenkukhu no-beetroot.
Eqhuba, uthe akabanga namahloni ngoba endaweni wayengasanakwa futhi ethathwa njengesilima sendawo eMlaza. Uveze ukuthi okwamyekisa lo mkhuba wukuxabana kwezingane zakhe, uChicken noNtobe, bebanga ugalo wenkukhu.
"Bagcina sebehlephulelana lo galo. Into eyangithusa ngababona sebebuya bezodla ukudla kwabo phansi. Badamuka utshwala uma ngibona izingane zidla njengezinja," esho maqede wasikhihla isililo umaka-Chicken.
Uphinde waveza ukuthi kusukela lapho waxhumana nesihlobo sakhe esihlala eCape Town ukuze ayothungatha amathuba emisebenzi, lapho agcina esenama-salon amathathu.
Umaka-Chicken uthe manje njengoba izinto sezihamba kahle empilweni futhi eseyisangoma, sekunabantu abamsola ngokuthi uthwele ekubeni kungenjalo, yilabo bantu ababejatshuliswa wukuthi ulambela kubo esahlupheka.
"Uma sekufika izibusiso, baphatheka kabi uma ungasezi ukuzocela ipuleti. Okusho ukuthi kukhona lapho sewuye khona ukuyoxhasa amandla."
Uveze ukuthi ngabanye babantu abahambe betshela abantu ukuthi umama kaChicken uthwele futhi unenyoka. Mayelana nokwenze waphumela obala ngokuthi uphila negciwane lengculazi kungenxa yokuthi ufuna abantu bangazenyezi, baqwashe.
“Abantu abahlala nami bayazi ukuthi ngikukhuluma njalo. Yinto engingayinaki. Ngisho amaphilisi yinto engiyikhipha phambi kwabantu. Uma ngisemihlanganweni, ngisuke ngiphethe amaphilisi ami. Ngicela amanzi, ngivule, ngithathe iphilisi ngiligwinye.”
Uphethe ngokuthi njengoba esengene nasemkhakheni wezokulingisa, uyamtshela umqondisi ukuthi usacela ukuphuza iphilisi uma sekushaye u-8.
“Angiyi ekhoneni ngoba ngisiza lo muntu okade engayinakile, esefa. Nomqondisi ngiyamsiza ngoba akazi ukuthi ziyakhala yini ngakuye. Uyabona uma uNkulunkulu enganquma ukuthi umuntu onengculazi abe nelambu elikhanya ebusuku, kungaba yisemini. Engavele alicishe ilanga,” kuphetha umakaChicken egqugquzela abantu ukuba badle iphilisi.