KUZOBONAKALA ubuso obusha ohlelweni Ubizo kwisizini yesine ezoqala ngo-Ephreli 15, esiteshini iMzansi Wethu (163) ngo8.30 ebusuku.
Lolu hlelo olusiza abantu ukuze bazi ngezinto ezithinta impilo yabo njengoba behlolelwa uLloyd Radebe, kulesizini kuzobonakala nengoduso yakhe uZama Mbuyazi naye ozomsiza ngomsebenzi ofanayo.
AbakaM-Net baveze ukuthi bajabule ngokuthi kube khona ubuso obusha kulolu hlelo, njengoba luzoqhubeka nokunika abantu ulwazi hhayi nje oluqhamuka kumuntu oyedwa kodwa kubantu ababili abanobizo olulodwa.
“Siyajabula ukwethula isizini entsha yalolu hlelo, olungolunye olwenza kahle kakhulu uma kuziwa kubabukeli. Lokhu asikukhonjiswa kuphela nje izinombolo zababukeli ezifika kithi kodwa ngisho ezinkundleni zokuxhumana nemiyalezo esiyitholayo abantu befuna usizo kuLloyd.
“Iyakhombisa ukuthi ngempela baningi abantu abafuna ukusizwa ngalolu hlelo yingakho siqhubeka nokululethela ababukeli bethu ukuze baqhubeke nokusizakala ngezihloko abazibona zibuzwa ngabanye,” kusho uShirley Adonisi.
Uthe izindaba ezikhulunywa ohlelweni ngezakuleli futhi zithinta abantu abaningi, kanti izinhlelo ezifana nalolu bezenzela isiteshi uMzansi Wethu okuyisiteshi abantu abasithola kalula futhi abafuna saziwe njengesikhuluma izindaba ezithinta abantu.
“NgoMgqibelo ziningi izinhlelo ezithakaselwa abantu abahlukene, okunye okujabulisayo ukuthi lesi siteshi sivulelwe wonke umuntu. Ngakho siyathemba izibalo zizoqhubeka nokunyuka,” kuchaza yena.
Uthe olunye uhlelo olubuyayo kulesi siteshi olusiza obaba nomama abafuna ukuhlanganiswa nezingane zabo abazishiya ngezizathu ezahlukene oluthi Ingane Yam.
Isizini yesithathu yalolu hlelo izokwethulwa uNonkanyiso 'LaConco' Conco, noqale ukubonakala kulo ngesizini ephelile.
Lolu hlelo luzoqala ngeSonto ngo-Ephreli 16 ngo7.30 ebusuku.