UKINI Shandu, oke waba ngumsakazi weGagasi FM, uthi kumvule amehlo ukuba ngomunye wabalingisi bomdlalo, Umkhokha, oqale ukuvezwa izolo ngo-20:30, ku-161 Mzansi Magic.
Lo mlingisi, oke waba ngumethuli wohlelo iDaily Thetha kuSABC 1, uveze ukuthi kumvule amehlo ukuba yingxenye yalo mdlalo osushintshwe waba yitelenovela.
“Ngikujabulele kakhulu ukuthola ithuba lokulingisa kuMkhokha. Kungivule amehlo, kwangenza ngafisa ukukhula ngaphezu kokuba umlingisi. Abantu basazomangala ngoba kuningi engisazokwenza, njengokudidiyela imidlalo yethelevishini,” kubeka uKini.
Uphinde waveza ukuthi isipiliyoni asithole elingisa kuZalo ngaphambilini simsize kakhulu kulo mdlalo. Kokunye akwenzayo kukhona umdlalo ozovela maduze kwithelevishini, asebenze kuwo njengomdidiyeli osaqeqeshwa. Okwamanje uthe akavunyelwe ukuphawula ngawo njengoba ungakaphothulwa.
Eqhuba, uthe noma ezolingisa kulo mdlalo ngokugcwele kodwa lokho akusho ukuthi useshiya unomphelo emsakazweni nokuba umethuli wezinhlelo zethelevishini.
Ebuzwa intatheli ngendawo ayilingisayo, walile ukuphawula ngayo.
“Angeke ngikwazi ukuphawula ngendawo engiyidlalayo nangoMkhokha uqobo. Engingakusho nje ukuthi abantu abalindele into yamehlo, bazobhema bakholwe. Mhlawumbe emva kweziqephu ezimbili ngizobe sengingaphawula-ke ngomdlalo,” kuphetha uKini.