ISITESHI sethelevishini iMoja Love, sinqunyelwe ugwayi katiki ukuthi sikhokhele abadidiyeli bohlelo iMiscarriage of Justice uR30 million, zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa kusukela ngoLwesine lwaleli sonto.
Isolezwe Ngempelasonto linayo incwadi ebhalelwe iMoja Love ngabameli, iMpungose Attorneys.
Isizathu sokufuna lesi samba semali kwabeMoja Love kungenxa yokusakaza kwayo uhlelo olusihloko sithi A Se Nna, ngoMashi 27.
UMnuz Thabane Mpungose weTJM Trading Enterprise (Pty) Ltd noMnuz Derrick Mdluli weJustice for Prisoners and Detainees Trust for Human Rights, basola iMoja Love ngokweba uhlelo abayithumelela lona olusihloko sithi Miscarriage of Justice.
Ekhuluma neSolezwe, uMpungose uthe uhlelo alugcini ngokudingida izihloko ezifana nalezo abaxoxa ngazo ohlelweni kolwabo kodwa lubuye lwasebenzisa izinkulumo ezaqoshwa yibo nabantu abakhuluma nabo. Kafushane, iMiscarriage of Justice ne-A Se Nna, yizinhlelo ezikhuluma ngeziboshwa ezabhecwa ngobende ekubeni inyama zingayithanga mbibi.
Emuva kokuba uMpungose noMdluli befake iMoja Love eNkantolo eNkulu yaseGoli, lolu hlelo lwabe seluhoxiswa emoyeni.
UMpungose uthe okubenze bathatha isinqumo sokuba bafune isizumbulu kwiMoja Love, ukuthi bese kubame emphinjeni ukudlaliswa umacashelane yisiteshi esitholakala kuDStv Channel 157.
Eqhuba uMpungose, uthe uma iMoja Love ihluleka ukuhlangabezana nezimfuno zabo, bazoqhubekela phambili nezinye izinyathelo zomthetho.
Isikhulu esiphezulu seMoja Love, uBokani Moyo, sikuqinisekisile ukuthi bayitholile incwadi yezimfuno mayelana nalolu daba.
"Kusemqoka ukuveza ukuthi akuwona amasamanisi. Isiteshi sizophikisana nalolu daba enkundleni efanele," kuphetha uBokani.