INDODAKAZI kaMusa Mseleku, uMpilonhle uthi akaziboni eqoma manje njengoba engabathembi abantu besilisa futhi engazi ukuthi beza nazinhloso zini empilweni yakhe.
Isolezwe libe nengxoxo ekhethekile nale ntokazi ethi yenza unyaka wesithathu kwenye yamanyuvesi eGoli nala yenza khona iziqu zePolitical Science neHistory.
UMpilo odume kanjalo kwabaningi, uthi ukukhulela emndenini obonakala kwithelevishini, kuze nezinto ezehlukene empilweni yakhe, njengoba nabo manje sebenohlelo lwabo.
Umndeni waKwaMseleku ugqame kwabaningi ngesikhathi uveza impilo yesithembu ohlelweni Uthando Nesithembu.
Kuthe kusuka kwaqala uhlelo oluveza impilo yezingane zakhona oluthi Izingane Zesithembu.
“Umuntu uthe ehlakanipha kwase kuqala uhlelo, nalapho ubaba asihlalisa khona phansi wasitshela ngalo. Kwaba yinto engithusayo ukuthi sengizobonakala kwithelevishini futhi esikoleni izingane zaqala ukuthi zinginake kodwa hhayi ngendlela eyangenza ukuthi ngingakhululeki nokwaqhubeka kwenzeka ngisho la enyuvesi,” kusho uMpilo.
Uthe yize kwaba nzima ukukhula esedumile kodwa uyababonga abazali bakhe abambamba ngesandla bambonisa ukuthi akaziphathe kanjani emphakathini ngisho ezintweni abantu abazishoyo ngabo ezinkundleni zokuxhumana.
“Noma kunzima ngezinye izikhathi kodwa ukulalela kwangisiza kakhulu. Kwathi uma sekuqala kuba nezinhlelo zohlelo lwethu kuphela kwaba nengcindezi kancane. Okwangikhulula ukuthi basitshela ukuthi asiqhubeke siphile impilo yethu ngendlela ejwayelekile bona bazolandela lokhu esikwenzayo, ngakho abantu uma bethi lokhu abakubona kwithelevishini amanga ngifuna ukubaqinisekisa ukuthi konke kuliqiniso, futhi kukho konke esikushuthile mina angikaze ngizizwe ngingakhululekile,” kuchaza yena.
Ebuzwa Isolezwe mayelana nokuqoma nokukhulela esithenjini uMpilo uthe akaziboni ekuzona zombili lezi zinto.
“Sikhule kahle sikhula nabo bonke omama nezingane zakwethu kungekho lapho ozithola khona ungasakhululekile. Kube uhambo olumnandi njengoba bengizizwa ngifudumele kubona bonke omama, ekubeni nginaye owami umama ongizalayo obekwenza izinto zibe lula kakhulu. Mina kodwa uma sengikhetha ukugana ngeke ngize ngisivume isithembu, ngihlale ngikhuluma nomama (uMaKhumalo), ngimncoma ngokuthi bayakwazi ukubekezela. Mina owami umyeni ngiyomfuna eseduzane kwami ngaso sonke isikhathi. Okwamanje angikabi naye umuntu engithandana naye futhi angikaziboni ngifika kuleso sigaba, abantu besilisa banamanga futhi abathembekile iningi labo, angisho ukuthi ngeke ngiqome uma isikhathi sesivuma, kodwa kazi lowo muntu oyothandana nami uyobe eqhamuke kuphi,” kuchaza yena.
Uthe kubantu abahlale bethi uyaziqhenya abalindele ithuba lokuthi bahlangane naye nokulapho beyobona umuntu ohlukile kakhulu kunalo abambona kwithelevishini.
Uveze ukuthi okuzayo ohlelweni lwabo nakho kukhulu njengoba abantu besababaze lokhu, basazobabaza kakhulu eziqeshini ezilandelayo.