UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwiSABC 1
UZOKWENZA noma yini uSibonelo ukuze avikele abakwaMhlongo, yize kudingeka ukuthi kube khona amthumbayo. UHlelo ukhuluma konke okungaphakathi kuye enganeni yakhe engakazalwa. Isu lezigebengu ezenza sengathi zikhubazekile liqala phansi. Ukudliwa unembeza kukaMbatha kwenza abe namaphupho amabi. Engalindele uLilly ulungisa inkinga kaWizard. UFlavia ududuza uScrewdriver noMzwezwe kodwa uSibonelo uyamxosha. UScrewdriver uthuswa ukuqhamuka kukaVusi. UWizard ufuna ukukhuluma konke kuLilly.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku kwiSABC2
BATHOLA iqiniso uJames noLefatshe. UMpho ukuthola kunzima ukutshela uRendani iqiniso. UJames uzithola ebambeke ezinkingeni zomndeni. Into akade eyisaba uRendani iyenzeka njengoba uLefatshe emfuna. Ingabe uVhangani usekulungele okuza kuye? AbakwaMukwevho bafuna uRendani ahlukane noLefatshe, njengoba besabela umlando wabo. UTendamudzimu noMpho bakuthola kunzima ukuthatha isinqumo sokuthi bazoshada nini. UPaballo ushiya uLefatshe nokudla komphefumulo mayelana nobudlelwano bakhe noJames. ULinde onomona utshela uShaz ukuthi okuyisona sizathu esenza abe umkhaphi kaMpho yingoba ebemzwela. ULefatshe utshela uRendani ukuthi akafune lutho olumhlanganisa noJames nonkosikazi wakhe.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku kwiSABC1
UPELE enganakile ukuthi kukhona umuntu omcuphile, ukhuluma lonke iqiniso. UMrekza unikeza indodana yakhe incwadi eqhamuka kuBuhle. UFikile (Refilwe Madumo) usekulungele ukwenza okumele akwenze ukuze atholele indodakazi yakhe ubulungiswa. Umntwana osemncane kubonakala sengathi usebaleke futhi ngeke esabuya. U-Ayanda uyazizonda ngokuqamba amanga nokusebenzisa umngani wakhe. UMpho ujabule ngomkhondo oqinile omholela kuDidi. UThemba noMbali ngokushesha bashintsha ingxoxo yabo uma kungena abantu abadala. UCosmo uthukile ngemuva kokuba khona kwento ayizwile futhi uyaphuthuma ukuze ayolungisa isimo.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv
IMIZAMO kaPhilemon yokukhuluma noPrudence, iphela kabi. UPhakamile uyanyamalala futhi kuba nokwesaba ngezinhlelo ezinkulu zikaJojo. UTaps ucasulwa udaba aluzwayo futhi ngokushesha kukhona umuntu axhumana naye. Uneqhinga elisha uPhakamile futhi lokho kujabulisa uJojo. UTaps uzama ukusebenzisana noNhlamulo noMdala eqhingeni lakhe lokugcina analo. UMaHilda ucela umsebenzi kuPhakamile. UTaps uletha isixwayiso kuTlhogi njengoba isimo esiyingozi silokhu siqhamukile. UVuvu wenza konke ukuze kujabule umuntu amthandayo.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv
BAXABANA esibhedlela uFunani noNkosi (Wanda Zuma). UFunani utshela uFaith ukuthi uNkosi akakhulile ngokomqondo futhi akafuni ukuzwa omunye umuntu uma ekhuluma. UKeletso utshela uMolefe ukuthi isu labo lokukoleka imali uma sebeveza ubulili bengane, alihambi kahle. UNandipha ufuna uKopano ayeke ukudinelwa uNkosi futhi ufuna babuye basebenze bonke. UMampho noMaria bayafika emzini waKwaZwide njengoba bezohlala khona ngosuku lukaKhisimusi. UKopano unika uNkosi umsebenzi omningi ukuze asebenze lonke usuku lukaKhisimusi.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku kuMzansi Magic
UZIMKHITHA uxosha uHlumelo emzini wakhe futhi wenza izinsongo ezimbi. UNontle uyaqhubeka ngokukhalela ukuthi uThulani uziphulile izifungo zakhe. Uyafunga uHlumelo ukuthi uzomtholela ubulungiswa umfowabo. UFuneka ube nengxoxo nendodakazi yakhe. UNontle uthola imfihlo kaFuneka noMsimelelo. UNozuko ucabanga ukuba nobudlelwane noHlumelo. UZimkhitha utshela uNtando ngokuthi uzalwa ubani. UMsimelelo akazi ukuthi uzoyithathaphi imali yokwenza umshado omkhulu ofunwa uFuneka. UZimkhitha akasafuni ukuphila. UHlumelo ukhuluma yonke into kuThulani.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku kuMzansi Magic
KUNGENZEKA uMaMzobe unenkinga enkulu ezandleni zakhe njengoba kuvela ukuthi isitha esidala siphumile sifuna ukukhuluma futhi sibambe amagqubu. AbakwaMthembu bathola iqiniso ngefa elithinta ibandla. Imizamo kaMaMzobe ayibi nemiphumela ayifisayo. UMaMzobe ayikho enye indlela kodwa kumele enze izinto ngendlela ayefunge ukuthi ngeke azenze ngayo. UKhulekani unesiqinisekiso sokuthi konke kuhamba kahle phakathi kwakhe nonkosikazi wakhe. Izinto azimhambeli kahle uMaMzobe. Usuku lokujeziswa kukaMaMzobe luyafika. UKhulekani wenza izinto zibe zimbi nakakhulu. UMaphalala (Mbuso Khoza) umthatha ngenkani uMaZungu ukuthi baye esontweni.