UZALO
Ngo-8.30 ebusuku, kwiSABC 1
UMBATHA uya kuMadlala njengoba kukhona ingxabano ekhona phakathi kwabo. UFlavia uxabana nelinye ilungu lomndeni wakwaMhlongo. USara ufuna ukuchayisa obala uNkunzi, kodwa uFlavia uyamkhuza ukuthi akekho ongahlula uNkunzi. UBiyela ukubeka kuyacaca ukuthi lokhu uMondli akuhlekayo kungaphezu kwamandla akhe. UNkunzi wenza isibonelo sokuthi ubenzani abantu abangamhloniphi. UNokuthula ukhombisa amandla akhe njengenkosi yaseNdlende. Inhloso kaBiyela ngezibhamu zasesiteshini samaphoyisa sawaMashu ayicaci. USipho akakulungele ukuxolela uyise. Umhawu kaMbatha umenza enze izinto ngendlela angacabanganga ngayo, nokwenza amanye amalungu ebandla ashiye.
MUVHANGO
Ngo-9 ebusuku, kwiSABC2
U-AZWINDINI uhlela ukuphambanisa izinto ukuze athathe wonke amasheya aseMMC, uNkele (Mudi Mudau) angatholi lutho. UBubbles noVhangani bazithola besenkingeni njengoba beqala bepheka ngemibuzo abasebenzi baseMMC. U-Azwindini ubheka amanye amasheya amaningi futhi. UTshililo uzithola ebambele phakathi kwabesifazane ababili. UMatshidiso utshela uMulalo ukuthi ukhulelwe ingane yakhe. UBubbles ubamba umuntu akade elokhu emsola ngokuthi uyamlandela futhi lokhu kumenza akhululeke emoyeni. ULindelani ukhuluma izindaba ezinkulu ku-Azwindini mayelana neMMC. UMatshidiso unika uMulalo imiphumela eqinisekisa ukuthi ukhulelwe. UVhangani ukhohlwa usuku lokuzalwa lukaLipuo. UNkele noTendamudzimu bamatasa ngomsebenzi wokudicilela phansi u-Azwindini.
GENERATIONS
Ngo-8 ebusuku, kwiSABC 1
INGABE uKhumo usenokuzisola ngobudlelwano akubo? UFikile akanaso isiqiniseko sokuthi abhekane kanjani nomuzwa awuzwayo. U-Ayanda akaboni ukuthi kukhona okukhulu okwenziwa isoka lakhe engaliboni. U-Anathi uthola isexwayiso esincane esiphuma kowesifazane amthandayo. UYster umangazwa ukujikelwa uCosmo. Isidlo santambama kwaCele siqala ngegiya elingelihle. UNkosiyabo ngokushesha ushintsha icebo lakhe uma ezwa ngoFikile. UMinnie uthukile ngento ayizwe emzini waKwaCele. UMelokuhle ujabule ngempilo yakhe yezothando kodwa isheshe iyaphela. UFikile uthola ukuziphindiselela ngokushesha ngokufa kukaDidi.
SCANDAL
Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv
INDLELA enza ngayo izinto uMdala ithatha amehlo abanye futhi kukhona ekuvusayo obese kwadlula. Indlela aziphethe ngayo uDintle iyaphuma esandleni futhi akukho abanye abangakwenza. UJojo (Melusi Mbele) ucela umngani ukuthi amsize eqhingeni lakhe alihlelayo. Izinto azihambi kahle empilweni yesihlabani futhi kuba khona igazi elichithekayo. UTlhogi uzithola esemseni wezinto zakhe azikhethile. ULayla kuba khona akusolayo njengoba kukhona abenza izinto ngendlela engajwayelekile. Umuzwa anawo uJojo umenza enze izinto ngendlela ehlukile. Owesifazane odlala umdlalo oyingozi, uyabanjwa esematasa nawo. Izinkinga zikaJojo ekhaya nasemsebenzini ziyaqhubeka ziba zimbi kakhulu.
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv
KUKHONA uphenyo alwenzayo uSoka futhi ukhetha ukutshela iqiniso u-Ona ophukelwe yinhliziyo ukuthi ukhetha ukuba sempilweni kaMampho, futhi uya kuMampho uyocela uxolo. Yize bejabule ngokuthi ekugcineni sebeze bashada, uMolefe noDorothy bayahluleka ukufihla ukudumala kwabo njengoba bengawenzile umcimbi omuhle wokubungaza usuku lwabo. U-Ona wenza into enomqondo njengoba esiza uMampho ukumbonisa ukuthi wenza iphutha elikhulu ngokuyekelela uSoka ahambe. UMampho uyamxolela uSoka. Ethintwe isimo sikaMolefe noDorothy, uMaria uhlangana namalungu omndeni wakhe nabangani ukuze basize bahlanganise icebo ledili lomshado labashadile. UKeletso ukhathazwa indlela aphatheke ngayo u-Ona njengoba ezwe ukuthi kukhona izindaba ezizovela naziyo ukuthi ngeke zimphathe kahle.
GQEBERHA: THE EMPIRE
Ngo-9 ebusuku, kuMzansi Magic
IMPI iphakathi kukaHlumelo, uNozuko (Kamvelihle “Kay” Bikitsha) noThulani noNobomi. Ubani ozowina amalungelo okuba sendlini kaBulelwa? Izikhathi ezinzima ziphoqa ukuthi wenze noma yini ukuze uphumelele. Ingabe uLulama uzokwazi ukususa u-Anda ngemuva?. ULulama uyathuka uma kufika incwadi emzini wakhe. Njengoba uNozuko eqhubeka namalungiselelo okulungisa, uNobomi uzibuza ukuthi imali yokwenza konke lokhu iphumephi. AbakwaMakwetu banesikhathi esinzima njengoba bebhekene nesimo sikaFuneka. UThulani noNobomi balwa noHlumelo noNozuko. UMsimelelo ekugcineni uyakwazi ukuthi akhulume noFuneka. Ngathi kukhona inhlansi yethemba ngomndeni wakwaMakwetu. UStokkie usola ukuthi izinto azihambi kahle phakathi kukaLulama no-Anda.
UMKHOKHA: THE CURSE
Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic
NJENGOBA kulokhu kukhulunywe njalo ngezindaba eziphambili zokugwinywa ngamanzi kukaMaMzobe, uSiphamandla uyaqhubeka nokubona ithunzi elimnyama. USfociya uncenga uSiphamandla ukuthi enze into elungile. AbakwaGumede banovalo futhi uNdlovu uthukile ngesinqumo sokuyobhabhadisa asenzile. UMaMzobe ubonga uSiphamandla kodwa yena ubeka isiqalekiso empilweni kaMaMzobe. UMenga uyafika emndenini wakwaGumede. UNobuntu uthatha isinqumo sokungahambisani nento akade eseyicabangisise kahle. UMthembu uvela kuKhulekani futhi njengoba ehlela ukuya engqungqutheleni phesheya. UNdlovu akajabule ngokuya esontweni. UKhulekani uhlela uhambo lwakhe lokuya eMelika kodwa kukhona into emehlelayo. UNobuntu uvuma konke okushiwo uMenga. UMaMzobe ubuyela esontweni.