KUJABULE ababukeli bomdlalo iHouse of Zwide bebona intandokazi yabo ithola uthando olusha ngemuva kokuphoxeka.
ULinda Nxumalo (27) odlala indawo kaSoka, yinsizwa yaKwaSanti, ePinetown.
Wafunda eMariannpark Primary wadlulela eNilgri Secondary eMariannhill ngaphambi kokwenza izifundo zeDrama and Production eDurban University of Technology.
Le nsizwa ezalwa ngaphansi kwesisekelo sokholo kwazise ingumzukulu kaBhishobhi, ithi uthando lokulingisa lwaqala isencane enkonzweni.
“Uthando lwami lokulingisa luqale esontweni kwazise ngiwumzukulu webhishobhi.
“Ebandleni lakithi bekuba nezikeshi uma kusondele inkonzo yePhasika. Ngangigqama njalo ngisho ngingadlali indawo ephambili,” kusho yena.
Uthi nasesikoleni wayezinikela uma kunemidlalo edinga abantu abazovolontiya.
Le nsizwa ifike yathola indawo ekhethekile enhliziyweni yabaningi, kwazise idlala indawo yomuntu onothando nomnene kuHouse of Zwide.
Uthi kumthokozise kakhulu ukwamukelwa kukaSokalezwe.
“Indlela engimdlale ngayo, ungumuntu othandekayo nojwayelekile. Uma simbuka ukhona umuntu asikhumbuza yena emindenini yethu, kungaba umalume, ubhuti noma umzala kithi.”
“Eqinisweni ngaqale ngenza inhlolokhono yohlelo uShaka Ilembe ngaphambi kokuzama inhlanhla kwiHouse Of Zwide.
“Ngicabanga ukuthi abaphathi bangithanda lapha ohlelweni lokuqala ngoba ngesikhathi sengibizelwa iHOZ kwase kubhekwa ukuthi ngizokwazi yini ukuba yilento abayifunayo na,” echaza ngendlela athola ngayo umsebenzi kulolu hlelo.
Ngale kokulingisa, le nsizwa yakwaNxumalo ithi isiqale eyayo inkampani ekhiqiza imidlalo ebizwa nge-Timeless Tales Studios.
“Isifiso sami wukukhula nami ngizikhiqizele owami umsebenzi, ngivulele nabanye amathuba emisebenzi kulo mkhakha,” kusho uLinda.
Uthi unalo ikhono lokuziqondisela eyakhe imidlalo, kwazise wacijwa ngenye yezingcithabuchopho eDUT uSolwazi Debbie Lutge.
“USolwazi nguyena owangigqugquzela kakhulu. Sathi sibuya ohambweni lwaseGermany wathi asingahlali dekle, kodwa asifudukele eGoli siyofuna amathuba angcono.” kuphetha uNxumalo