ABALINGISI boZalo neSarafina bazocija intsha ngolwazi emkhakheni wokucula nowokulingisa eGobhela Primary, esigodini saseSihlonyananeni, eMthwalume ngoJuni 9 kusukela ngo-9 ekuseni.
UKhanyo Maphumulo, ongumculi nomlingisi wodumo kwiSarafina neLion King, uthe yena uzocula nabafundi ingoma ababeyihlabelela kwiSarafina ethi Freedom Is Coming Tomorrow.
"Ngizocula ngenze izinto zeSarafina, sibandakanye kakhulu abantwana. Ngizobuye ngidanse nabo. UBaby Cele yena uzoba wuthisha. Kuzobe kumnandi. Sengifisa ukuba sekuyikusasa," kusho uKhanyo ongumculi we-Afro pop wodumo lwengoma ethi Just Us futhi osesebenze nezingwazi zabaculi abadume umhlaba wonke, abanjengoSimply Red, Angelique Kidjo, Oletta Adams, Hugh Masekela, Busi Mhlongo, ngokujabula.
NoBaby Cele, onguGabisile kuZalo futhi enguMiss Masombuka kwiSarafina ngesikhathi isewundlalo weshashalazi, ukuqinisekisile ukuthi uzoba yingxenye yalo mcimbi.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uBusani "Mawiser" Mpanza, uthe ukhethe ukugubha le nyanga nentsha yangakubo kulesi sikole ngenxa yokuthi wafunda kuso.
Uthe ube esecela osaziwayo ngenhloso yokufukula intsha yangakubo ngolwazi bese nayo iveza amakhono.
"Bathi ugotshwa usemanzi. Siyazi futhi ukuthi nenkunzi isematholeni. Yingakho ngifise ukuthi ngikhuthaze izingane zesikole zisesemabangeni asephansi."
Uthe kuzobe kungekhona okokuqala enza umcimbi ofuze lona.
"Ngaqala ngo-2007 kodwa kuzobe kungokokuqala ukwenzela umphakathi walapho ngidabuka khona. Kuke kungabi lula uma wenza ngemali ephuma ephaketheni lakho kepha ngenxa yokuthi yinto engiyithandayo ukusiza umphakathi kuba lula," kusho uMawiser obuye abe ngumsakazi osebuya eziteshini eziningi.