ABADIDIYELI bomdlalo ohamba phambili ngababukeli kuleli Uzalo, bagcine bekuqinisekisile ukuhamba kwabanye babalingisi balo mdlalo obekunamahlebezi okushiya kwabo.
Abalingisi abahambayo nguThulani Shange odlala indawo kaThulani Khanyile noSizwe Khumbuza onguGodfather.
Isolezwe NgeSonto libikile muva nje ukuthi kuhlukene inhloko nesixhanti phakathi kwalo mdlalo okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kuSABC1, nalaba balingisi.
IStained Glass edidiyela Uzalo, iphinde yaveza ukuthi kuyaphela ngoNomcebo ongunkosikazi kaQhabanga olingiswa nguNombulelo Mhlongo.
“Kule minyaka eyisithupha lukhona, Uzalo lwenze abantu abaningi abangaziwa izilomo lwaveza isifundazwe kubantu ezweni jikelele. Lo mdlalo ube yikhaya futhi kubalingisi abanethalente baseNingizimu Afrika ababambe iqhaza ekwenzeni into ethandwa abantu.”
Bathe njengenhlalayenza uma kuqala isizini entsha kuzoba khona abalingisi abafikayo.
Kuzobuya uMumsy odlalwa nguNomcebo Gumede abathe kungenxa yengcindezi yababukeli.
“UKapteni Yamkela Mpambani ongagayelwa mphako odlalwa nguSir Jet Novuka uzongena kuZalo ezoshukumisa izinto enze impilo yaso sonke isigebengu ibe nzima.”
Umdidiyeli woZalo uBrenda Mukwevho, uthe bajabule ngokuza kwalaba balingisi bobabili.
“Sinento emnandi ezayo futhi sengijahe kabi ukuthi ababukeli babone ukuthi abalingisi bazokwenzani. Sithanda ukubonga uNombulelo, Thulani noSizwe ngomsebenzi wabo omuhle abawenzile njengamalungu omndeni woZalo. Bazinikele ngakho konke futhi siyabonga ngokusebenza nabo.”
Abadidiyeli abazange bathi vu ngamahlebezi okushiya kukaSiyabonga Shibe odlala indawo kaQhabanga noDawn Thandeka King olingisa indawo kaMaNgcobo.
USiyabonga usanda kubhala ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi usethole inqwaba yezingcingo abantu bebuza ukuthi uxoshiwe yini kuZalo.
Uthe bese ethule isikhathi eside akaze alwe namuntu futhi akaxoshiwe.
UDawn uphawule wathi sekwanele futhi le nto iyakhathaza kumele iphele.