ABEMOJA Love bayagonyuluka ngokungabonakali kukaBishop Israel Makamu ohlelweni alwethula esiteshini phakathi nezinsuku, iRea Tsotela.
Kulezi zinsuku uhlelo lwethulwa ngu-Andile Gaelesiwe wodumo kuKhumbulekhaya. Ababukeli bakhale ngokungabonakali kukaMakamu ohlelweni ngoba bethi abachazelwanga ngokunyamalala kwakhe.
Okhulumela iMoja Love, uNonzwakazi Cekete uthe isiteshi sithanda ukucacisa ukuthi kwenzekeni ngoMakamu njengoba sekukhona u-Andile wodumo lwengoma ethi Abhuti Yo.
UNonzwakazi uthe kungamampunge ukuthi uMakamu usexoshiwe ohlelweni kodwa kunesimo esiphuthumayo esimdingayo kwakhe. "Kunesifo emndenini kaBishop Makamu, yingakho engekho emoyeni. Unikezwe ithuba lokuyozila. UMbhishophi Makamu uzobuya emoyeni khona maduze," kuchaza uNonzwakazi.
Khonamanjalo Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi noDkt Onkgopotse JJ Tabane akaxoshiwe futhi akamisiwe ohlelweni lwakhe iPower To Truth ku-e.tv kodwa usabanjwe ukugula.