ABALINGISI bemidlalo yethelevishini bazoqhakambisa idolobha laseThekwini, emdlalweni osihloko sithi Mother of All kwi-e.tv.
Umthombo osondelene nabadidiyeli bomdlalo uthe kwiMother Of All kuzobonakala abalingisi abadumile okubalwa uZenande Mfenyana obenguNoluntu Memela kwiGenerations, noGoodness Mabuza kwiThe Queen. Omunye ogqamile nguBuyile Mdladla onguMthambisi Phakathi kuZalo futhi obenguPhumlani Ndaba kwiGomora.
Yize uZenande Mfenyana noBuyile bengatholakalanga ukuba baphawule kodwa uzakwabo, uSbonakaliso "Ngabade" Mazibuko, ukuqinisekisile ukuthi njengamanje bamatasatasa basebenza nabalingisi.
Leli phephandaba lithole ukuthi emdlalweni kuzobonakala ukuthi osomabhizinisi baseThekwini, basebenza kanjani.
"Kuzovezwa okuhle nokubi okwenziwa ngosomabhizinisi baseThekwini ukuze babeyizigwili," kuqhuba umthombo. Uthe umdlalo uqoshelwa eThekwini, kodwa uzokhonjiswa kwithelevishini ngoJanuwari.
UNgabade waKwaCeza, uthe ulingisa indawo ka-Andile ongumshayeli wezimoto ezibizwa ngama-metered taxi. Uthe kusho lukhulu kuye ukuba semdlalweni owodwa nezinkakha zethelevishini.
"Ulwazi lukhuphuke ngokushesha. Ngifunde okuningi kakhulu kuzo. Ngibonga ithuba eliyingqayizivele engilinikwe yinkampani ekhiqiza umdlalo okuyiThe Final Chapter Production," kusho uNgabade oseke walingisa emidlalweni eminingi yethelevishini okubalwa iDurban Gen.
Ubonge kakhulu abaphathi nabalingisi ngempatho ayithole ngesikhathi kuqoshwa umdlalo.