UNgizwe Mchunu uzithintele iziqandu komaskandi okubalwa kubo uKhangelani “DSD” Mhlongo nabanye ngokuphika iziqu zabo zobudokotela abasuke behlonishwa ngazo, ngeqhaza labo kulolu hlobo lomculo.
Ekhuluma kwi-video eqoshiwe, uNgizwe uthe babili kuphela abantu abakumaskandi okufanele babizwe ngodokotela okunguWelcome Bhodloza Nzimande noSipho Mchunu wodumo lweJuluka.
“Sesikhathele ngabantu abathi bangakhumbula i-braai, bafike namakesi kabhiya nenyama, kosiwe bese bethi sebengodokotela. Ayikho indaba yokuthi kuhlangane abangani bakho, basebenzise indawo yasenyuvesi bese bekuhlonipha bethi usungudokotela.
“Odokotela babili kuphela kumaskandi, uBhodloza ongumsunguli kamaskandi nobab’ uSipho Mchunu. Abanye cha, angibazi mina.”
UNgizwe uthe abantu abathi bangodokotela ngokusemthethweni abaveze ubufakazi bezikhungo ezisemthethweni nezigunyazwe ukuhlonipha abantu ngeziqu zobudokotela.
“Umuntu akavele ahlonishwe kodwa kwenziwa ucwaningo ngomuntu ukuthi kumfanele ukuhlonishwa. Noma ungabiza osolwazi bazokutshela ukuthi into engiyishoyo iyona ngqo.
“Akekho umuntu onelungelo lokuhlonipha nanoma ngubani ngobudokotela,” kusho uNgizwe ethi inhloso yakhe ukuvikela umlando womculo kamaskandi.
Abantu ababambe iqhaza emculweni kamaskandi asebeke bahlonishwa ngeziqu zobudokotela kubalwa uThokozani “Somnandi” Langa, uBuselaphi Gxowa, uKhangelani “DSD” Mhlongo woSaziwayo, Ihhashi Elimhlophe, uMfiliseni Magubane, uDumisani Goba wamaSatma Awards, uThulani “Dr 3 Seconds” Nkwanyana weDr 3 Seconds Maskandi International Festival nohlale ephambili ekuxazululeni ukungahoshelani komaskandi.
UDSD imthukuthelise kakhulu inkulumo kaNgizwe
“Lo muntu usehamba ezingqubuza kuwo wonke umuntu manje. Bengilokhu ngithi bayamsukela, okungikhathaze kakhulu ukuthi lo muntu uhambe ethi unesandla ekukhuphuleni umaskandi.
“Kuyangidida ukuthi uwukhuphula kanjani uma esazama ukunakwa ngamaciko. Akaqali nokho ukuhlambalaza igama lami.”
Uthe uma esaqhubeka nokumsanganela uzoveza ubufakazi bokuthi waxoshelwani oKhozini.
“Ngaphambi kokubeka odokotela bakamaskandi kusamele atshele abantu iqiniso ukuthi waxoshwelani oKhozini,” kuphetha uDSD.
UDr 3 Seconds uthe uNgizwe uzibulawelwa yindlala futhi uzama ukukhuphuka ngabantu ngoba efuna udumo.
“Lokhu okungusinqasemfene kwakaMchunu eNkandla udoti lokhu. Nikuqaphele... ngizokubamba ngempela.
“Kunomsangano ekhanda, kubulawa yindlala noma kuhambe kuyolusa izinkomo. Akusho ngikunike amatoho.
“Iyakubulala indlala ndoda, woza uzolanda izijumbane zokudla,” kusho uDr 3 Seconds owayengumshayisibhakela ohlonishwa umhlaba wonke. USomnandi wenqabile ukuphawula kulokhu okushiwo nguNgizwe.