I-METRO FM imemezele izinguquko ezizoqala ezinhlelweni zayo kusuka ngo-Ephreli 1.
Zimbili izinguquko ezenziwe ezinhlelweni zaphakathi nesonto okuhlanganisa ukufakwa kukaLuthando “Loot Love” Shosha, ozobambisana noTbo Touch, ohlelweni iThe Touch Down ngo-3 kuya ku-6 ntambama.
Akuyena uLuthando kuphela okhuza ibuya, noRorisang Thandekiso, ubuyile uzokwethula uhlelo iCommand Your Day ngo-5 kuya ku-6 ekuseni phakathi nesonto. Lolu hlelo belethulwa nguSiya Mhlongo obencelisa amawele ngoba ubebuye asebenzele Ukhozi FM.
NgoLwesihlanu nangoMgqibelo ebusuku isikhala sikaDJ Le Soul oshiye ngasekuqaleni konyaka, sivalwe ngoRoxanne McKenzie ohlelweni i-Urban Beat.
NgoMgqobelo ngo-6 kuya ku-9 ekuseni kukhishwe uMat Elle, kwafakwa uZola Myeza ozobambisana noSomizi Mhlongo.
U-Oskido (obengena ngo-6 kuya ku-7) noSphectacula Ngwenya (obengena ngo-7 kuya ku-10) obese esele yedwa ohlelweni lwakhe ngoMgqibelo ntambama ngemuva kokuhamba kukaNaves, bashiyile esiteshini.
Esikhathini sika-Oskido noSphe, kuzongena uhlelo olusha oluzokwethulwa nguNaked DJ ebambisene noThato Immaculate wodumo lweBig Brother Mzansi.
NgeSonto ushintsho lwenziwe emini kususwa uMsizi Shembe. Isikhala sakhe sivalwe ngoPaul Mtirara osebuyiselwa emini ngo-12 kuya ku-3 ntambama. UMsizi usezongena ngo-9 kuya ku-12 ebusuku ngeSonto esikhaleni sikaNothemba Madumo, ongeke esaba yingxenye yesiteshi.
Umphathi weMetro FM uKina Nhlengethwa, uthe lolu hla lwabasakazi lwenzelwe ukwengeza ohlelweni olusebenzayo ngenhloso yokwenyusa isibalo sabalaleli nenzuzo nyakenye.