UPHROJUSA osafufusa, uRudzani Monyayi, ukhala ezimathonsi ngokudliwa kohlelo lwakhe olusihloko sithi Black Tax yiMoja Love. URudzani uthe wabona isikhangiso sokuthi iMoja Love ithungatha abanekhono lokudidiyela uhlelo lwethelevishini.
"Ngangifuna ukwakha inkundla yokuba abantu abathwaliswe kanzima ukondla amalungu omndeni wabo ngokuba ngibahlanganise nawo ukuze badlulise izikhalo zabo ngalokhu kubondla. Olwami lolu hlelo, beluzohluka ngokuthi lube nengosi lapho bekuzongenelela othize ukulekelela osindwa yizindleko zamalungu omndeni wakhe."
Uthe uma kukhona ofisa umsebenzi bekusohlelweni ukuthi asizwe ngokutholelwa itoho.
"Bengingafuni uhlelo oludingida ngezinkinga zabantu kuphela kodwa lunganikezeli ngesixazululo." URudzani uthe wathumela uhlaka lohlelo lwakhe kwiMoja Love ngo-2020 kodwa bangamphendula. Uthe ngoDisemba 2020 wazitshela ukuthi akaphonse ithawula.
"Kuthe ngabo 2021 kwaba nothize owangifonela engazisa ukuthi umqondo wami bawuthanda futhi sebewushintshile bawubiza ngeKuRuff. Kwathiwa ngeke usakazwe kwiMoja Love kodwa uzokhonjiswa kwesinye isiteshi ngoba bengizobona ukuthi uhlelo lwami. Ngishaqekile ngabo-Ephreli sengibona kuthiwa kuza uhlelo iKuRuff. Yilapho ngakhumbula khona amazwi owangitshela."
Uthe ulubonile lolu hlelo kwiShowmax wabona ukuthi kudliwe amandla akhe. "Ngibe sengibuyela kwiMoja Love kodwa baphinda bangangiphendula. Manje ngizama ukuthola ummeli ongazongikhokhisa ngoba anginayo imali," kuphetha uRudzani. Okhulumela iMoja Love, uNozwakazi Cekete, uthe usenga ezimithiyo uRudzani ngoba iKuRuff yayisiqalile ukudidiyelwa ngaphambi kokuba kufunwe izicelo zezinhlelo futhi banobufakazi balokho.
"I-Black Tax akulona uhlelo olungangacatshangwa ngumuntu oyedwa njengoba izizukulwane bezilokhu zikhala ngayo. Ngakho neMoja Love, njengesiteshi esikubonayo okwenzekayo emiphakathini emnyama, besingeke siphundulwe yisihloko esimqoka nesikhahlameza yonke imindeni," kuphetha uNonzwakazi.
Akukhona okokuqala kukhalwa ngeMoja Love, ezinye izinhlelo ezike zasusa umsindo ngezithi Mamezala, You Promised To Marry Me noluthi Asinna.