IMBONGI uMzwakhe "The People's Poet" Mbuli, inqabe ukuba nengxoxo ekhethekile noKhozi FM ngoba icasulwa ukuthi alifuni ukudlala umculo okwi-albhamu yayo entsha esihloko sithi Vuka Darkie.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uphrojusa woKhozi uthinte uMbuli ngoLwesibili ngezithuba zabo-7 ebusuku, ngenhloso yokuba uMbuli abenengxoxo nabasakazi bohlelo lwasekuseni ngakusasa mayelana namahlebezi athi usegunjini labagula kakhulu esibhedlela.
Uqhuba umthombo, uthe uMbuli uxhumane nabaphathi bakhe nommeli wakhe, bonke bamnqabela ukuba abe nengxoxo noKhozi ngenxa yokuthi luyingxenye yemisakazo yakwaSABC engawudlali umculo wakhe omusha.
Oyisikhulu esiphezulu esisabambile emkhakheni wezokuxhumana eSABC, uNksz Mmoni Seapolelo, uvumile ukuthi uMbuli uluchayisile Ukhozi FM, okuwumsakazo onabalaleli abacela ku-8 million.
"I-SABC ingakuqinisekisa ukuthi uMnuz Mbuli uthintiwe ukuba kube nengxoxo naye kodwa wenqaba, okuyinto anenkululeko yokuyenza," kushaya ngezinqamulelayo uNksz Seapolelo.
Ethintwa uMbuli ukuba aziphawulele ngalolu daba, unxuse ukuba kukhulunywe nemenja yakhe, uJoseph Mzankomo, evumile ukuthi bayichithile ingxoxo kaMbuli noKhozi. UMzankomo uthe baqale ngonyaka ophelile ukuchitha izingxoxo noMbuli uma efunwa ngabasakazi beziteshi ezingaphansi kukaSABC.
"Ngonyaka owedlule, uhlelo lweMetro FM iTouchdown (kaTbo Touch) yacela ukuba nengxoxo. Ngebhadi ayenzekanga."
Uthe akuzona zonke iziteshi ezingaphansi kwalo msakazeli womphakathi abazichithayo kodwa uthe zikhona ezimbili ezimesekayo uMbuli ngokudlala umculo wakhe.
"Siyalibonga iGwalagwala FM, yingakho uMbuli azwakala ekhuluma ngoChris Hani ngokwesicelo sabo. Izingxoxo ezivumbuka esikhaleni asizamukeli."
UMzankomo uthe abananxa nabasebenzi abasemazingeni aphansi, okubalwa kubo abasakazi nophrojusa kodwa banenkinga nabaphathi baseSABC, okuyibo ababasola ngokuvimba ukudlalwa kweVuka Darkie.
Esephetha, ukugcizelele ukuthi uMbuli ungumqemane futhi kunoxhaxha lwemicimbi azobonakala kuyo kulo nyaka, okukhona kuyo ukwethulwa kwencwadi yakhe iVoice Of Reason nokuqoshwa kwefilimu iJune 16.
Impi kaMbuli noSABC seyineminyaka njengoba aze abhikisha namanye amaciko bekhala ngokugwaziswa ngabasakazi.