UKUFIKA anikwe olunye lwezinhlelo ezinkulu emsakazweni womphakathi iVibe FM KwaMashu, kwumvulele amathuba ahlukene uNoxolo Makatini (23).
Le ntokazi yaseBhambayi eNanda, iqale ukusakaza kulo msakazo ngo-2019, isakaza uhlelo lwasemini phakathi nezinsuku i-V Side Show olungena ngo-9 ekuseni kuze kube u-12 emini.
Eqeda isikole ngo-2014 e-Eastbury Secondary ePhoenix, uNoxolo odume ngelikaPrincesslortts, uveze ukuthi wagxila ekuqhubekeni nemfundo lapho ayenza khona izifundo zeChemistry eDurban University of Technology, namanje asaqhubeka nazo.
“Ngaqala ukuba nothando lomsakazo kudala, ngithe ngisaqhubeka nemfundo kwathi uma ngizwa ukuthi kunenhlolokhono yokuthungatha abasakazi nganikela khona. Ngangizama emisakazweni ehlukene kodwa ngigcine ngingathathwanga, okwangenza ngazibona ngiwumuntu onekhono ngaqhubeka nokuzama. Ngagcina ngihambele inhlolokhono emisakazweni emibili yomphakathi khona ku-INK area, nokuyilapho umsakazo iVibe FM wangiphendula khona kuqala bangithatha,“ kusho uNoxolo.
Kulo msakazo uthe esafundiswa ngokumele akwenze umphathi wezinhlelo u-Ayanda Ntuli, yilapho ahlabeka khona umxhwele njengoba konke kwamlungela ngesonto elilodwa.
“Ngiyashesha ukubamba ngakho ngaqeqeshwa isonto elilodwa ngase nginikwa uhlelo okumele ngilushayele. Kimina kwasho lukhulu ngenxa yohlelo engalunikwa, kodwa ngafuna ukuqhubeka nokukhulisa abalaleli kulona ngezihloko zami nabantu engibaletha kulona ngempela lwakhula futhi nabantu balincoma kakhulu ikhono lami lokusakaza okuyinto eyangikhuthaza ngabhukula,“ kuchaza yena.
Uthe umsakazo iVibe FM, kube umsakazo wokuqala ukuthi awusebenzele wathi ufisa ukukhula kulo mkhakha.
“Ngonyaka odlule ngiziqhenye kakhulu ngingenela umncintiswano woKhozi FM owaziwa ngokuthi iWinnie Mahlangu Presenter Search. Ezicelweni ezingu-4 000 ezangena kwangijabulisa ukuba sezintokazini ezingu-12 ezaqhubekela phambili kodwa ke ngangadlulela phambili, kodwa kimi kwasho lukhulu,“ kuchaza le ntokazi.
Iveze ukuthi kuningi ekwenzayo ukuze iziphilise futhi isaqhubeka nemfundo.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]